(Umalume Vusi uhleli ngaphandle uma ebona umuntu ophethe izikhwama ezinkulu eza ngasesangweni)

Vusi: (ezibuza eziphendula) Yini kwangathi uBusisiwe lona ozayo? Kodwa
sineminyaka singamuboni. Akwaziwa ukuthi ukuphi izwe lingaka.Hhayi! Akusi nguye.
Busisiwe : Malume nguwe loyo! [ Engena esangweni ]Hhawu! Bengizitshela ukuthi angeke ngisayibona indlela eza lakhaya!
Vusi : Hhayi-bo! Busisiwe nguwena lo?Nguwena uqobo?
Busisiwe :Yebo malume imina impela! Ngibuyile!
Vusi : Hhaibo! Ngane kadadewethu emva kweminyaka emingaka ubuyaphi?
Busisiwe: (Ngokudumala) Ayy malume! Ngahamba lana ngoba ngangithenjiswe umshado!
Vusi : Pho inkinga ikuphi lapho Busisiwe?
Busisiwe: Asingene endlini Malume ngizokuxoxela.

(Bangene endlini )

Busisiwe: Uyazi Malume ngithe angiqale lakuwena ngingakayi kuMama ngoba ngiyesaba ukuthi uzothini uma engibona.Unjani kodwa yena?
Vusi: Mshana udadewethu usewadlula emhlabeni ngenxa yesifo senhliziyo.Usenonyaka ashona.
Busisiwe: (Ekhala esikaNandi) Ma…Ma…Mama!
Vusi: Phuza nansi amanzi anoshukela mshana Sekwadlula futhi kulungile.
Busisiwe: (Emva kwesikhashana) Uqinisile Malume. Konke kulungile makuyintando kaNkulunkulu. Awusho Malume, ukuphi uMaDlamini benoSandile. Sekangakanani yena?
Vusi: UMaDlamini usentsimini , uSandile usehlala kwaDadewethu.Busisiwe Yini kwangathi uyangiziba?Ubuyaphi?
Busisiwe: Malume ngi….
Vusi: Sizobuya kuleyo! Uphi umkhwenyana?
Busisiwe: Ukhona Malume ngimshiye nezingane zethu.
Vusi: Hhaibo! Usunabantwana Busisiwe! Bangakhi?
Busisiwe: Babili Malume.
Vusi: Awungichazele kahle mshana! Uthi Kimi ushadile kodwa mina angikaze ngithole incwadi yamalobolo! Ushade ngakanjani abakini bangazi lutho? Thina bakwaXulu asikaze sigcokiswe!
Busisiwe: Malume nga… sa..
Vusi: Khuluma ngane ndini! Chaza !
Busisiwe: Mina noThemba sancuma ukuthi abangani bakhe abazokwamukela amalobolo ami Malume.
Vusi: Nayi ingulube inginonela! Habe! Uthi kwenzenjani wena? Nkosimpela ngiyalingwa ngisehlane! Nali ibhadi emini kabha! Uthi awungihloleli weBusisiwe?Abangani bakhe omalume bakho kusukela nini?Umama wakho okuzalayo washiyelwa abangani baloThemba ndini ibele!Busisiwe ngiphendule mani!
Busisiwe: (Ngomoya ophansi) Malume, beyingekho enye into ebengingayenza. Ngenza okwakufanele ngikwenze ukuze ngithole umendo.
Vusi: Busisiwe phindela lawubuya khona!Phindela! Angizuhlanyiswa ingane mina!Hamba!
Busisiwe: Malume akukho lapho engingaya khona!
Vusi: Angingene lapho! Phindela le kuThemba ndini wakho.Angikufuni kwami Busisiwe! Hamba uye ebanganini baloThemba wakho komalume bakho!

***