Ekhishini

(UMaZungu noThobile bayahleba)

MaZungu: Thobile kungabe uyambona njena uZinhle ukuthi akekho muhle emoyeni?

Thobile: Yebo kunjalo, Mama. Akamnandanga neze umzala. Kazi yini inkinga yakhe? Noma mhlawumbe wenziwa ukuba sesikhathini? Kodwa angimazi enjena mina uZinhle.

MaZungu: Uboke ukhulume naye phela, ndodakazi. Mhlawumbe wena angakuvulela isifuba ngoba ningontanga.

(Zinhle ungena egumbini lakhe lokulala, ashintshe izingubo ebezingcoliswe yigazi bese ehlala phezu kombhede, akhulume yedwa).

Zinhle: Ihhe! Kazi lento eyenziwe nguthisha uMabizela ngizobazisa kanjani la ekhaya ngoba ngiyesaba. Ngiyazi nje ukuthi umalume angangishaya maqede angixoshe kwakhe uma ezwa ukuthi ngidlwenguliwe.

(Kudlula ihora uZinhle elokhu ehleli yedwa. Kungena uThobile)

Thobile: Mzala woza siyodla, sekulungile ukudla.

Zinhle: Ngiyeza manje, mzala. Ngisaqoqa mbijana.

Thobile: Uqoqani, mzala, ngoba azikho izingubo eziphezu kombhede njena?

Zinhle: Yebo azikho mzala, kodwa hamba wena uyodla ngizokulandela.

Thobile: Ukahle nje emoyeni mzala?

Zinhle: Yebo ngikahle, mzala. Kungani ubuza?

Thobile: Ukuthi ubuso bakho abuvezi impilo ekahle. Kwenzakalani ngempela ngawe?

Zinhle: Hhayi akulutho, mzala. Asihambe siyodla.

Thobile: Usuwuqalile lomkhuba wakho wokuziba imimbuzo yami bese uyayibalekela futhi.

Zinhle: Mzala akunjalo. Asihambe siyodla mhlawumbe umalume nomalumekazi bame ngathi nje. Bazoze basithethise noma sishaywe. Uyazi ke nawe mzala ngiyazisabela induku mina.

Thobile: Kulungile mzala asihambe. Akusenani yize ungiziba.