Kusekhaya kubo kaThobile

(UThobile uthatha uyabeka ebona sekudlule amahora amathathu ebuyile esikoleni kodwa uZinhle yena engaqhamuki. Kuthi esazulazula, egcwala indlu, kube kungena ubaba wakhe, uMnguni)

Mnguni: WeThobile!

Thobile: Yebo Baba?

Mnguni: Awungichazele ngempela. Kanti esikaZinhle sona isikole asiphumi yini kuze kube yilesi sikhathi?

Thobile: Ubebizwe uthisha, Baba. Mhlawumbe useyeza manje ngoba ubekade ethe bayodingida izifundo zakhe.

Mnguni: Izifundo zani, lana? Uma ebhekene nezifundo uthi kupheka bani la ekhaya? Yena uzodla izifundo zakhe lezo yini?

Thobile: Chabo, Baba, akunjalo futhi ngiyethemba usendleleni nje kuyimanje umzala.

Mnguni: Usendleleni yena uyizulu yini?

Thobile: Uxolo, Baba, ngisacela ukuqedela ukushanela.

Mnguni: Kulungile. Ungibize uma kufika uZinhle.