Esikoleni

(Kusanda kukhala insimbi yokuphuma kwesikole)

Thobile: Zinhle uthi uthisha uMabizela ngikucele udlule kuyena ngaphambi kokuba ugoduke.
Zinhle: Hawu! Ngabe ungibizelani uthisha? Akazange akwazise, mzala, ukuthi kungabe ungibizelani?
Thobile: Cha, mzala, akazange angitshele.
Zinhle: Ihhe! Ingabe ngibizwelani nesikole sesiphumile nje?
Thobile: Phuthuma mzala khona uzoshesha ukubuya sihambe ngoba nawe uyamazi ubaba ukuthi unjani uma seseqelwe yisikhathi sokubuya ekhaya.
Zinhle: Hheyi, mzala, washo enye into emqoka! Uyazi ngoba phela nemvubu singayithola izintazela emoyeni nje. Ungangishiyi kakhulu, mzala, nami ngiyakulandela kungekudala.
Thobile: Kulungile, uzongifica ngendlela ke, mzala.