Uma ungumuntu uphila kubalulekile ukuthi uke uzibuze ukuthi kungani uzelwe kulomhlaba. Ukuphila ngaphandle kokuzazi ukuthi uphilelani kwenza ukuba impilo yakho ingabi nenjabulo okuyiyo okumele ube nayo. Impilo imnandi futhi ilula kuphela uma uzazi ukuthi uphilelani.

Siyazi ukuthi ayikho into eyenzeka ngaphandle kwesizathu, lokho kusho ukuthi nathi sila emhlabeni ngezizathu ezithile. Umdali akasoze enza iphutha lokuthi akulethe emhlabeni ekubeni singekho isizathu sokuba ubekhona. Ula emhlabeni ngoba kwakufanele ukuba ubekhona. Zazi ukuthi kungani kwakufanele ukuba ube khona kulo mhlaba, ngoba ukwazi lokho kuyoba wukuzazi wena ngokwakho.

Ayikho into emnandi njengokuthi uma ungumuntu uziphilele wena, wenze izinto odalelwe ukuthi uzenze. Uma wenza izinto odalelwe ukuthi uzenze awubi nokuthi ukhathale kungenaso isidingo. Yonke into uyenza ngothando ngoba kuyileyonto nawe oyithandayo. So, yonke into odalelwe yona akubi yinto oyizondayo kepha kuba yinto oyithandayo.

Abazali bethu basizalele ukuthi sibe lusizo ezimpilweni zabo kanye nezabanye abantu. Umuntu akabi semhlabeni ngaphandle kwesizathu esingukuthi abe lusizo kwabanye abantu. Sidalelwe ukuthi sibe yinzuzo thizeni ebantwini – hhayi ukuthi thina sisame ngabo ngayo yonke into. Ezinye zezinto kufanele ukuba zitholakale kithi ukuthi sibe abakhiqhizi benjabulo yomunye umuntu.

Wonke umuntu uzokutshela ukuthi ukuzalwa kwengane kuyisibusiso. Ngoba nawe uze njengengane manje sibusiso sini leso okuthiwa wena ulethelwe sona la emhlabeni? Kufanele ukuba uzazi ukuba uwuhlobo luni lwesibusiso oyiso emphakathini, ngoba okubalulekile wukuthi ubusise abantu ngalokho oyikho, noma odalelwe khona. Zazi ukuthi ngempela uphilelani ukuze uzokwazi ukuqala uziphila ngokoqobo.

***