Ngangihleli egumbini lami. Empeleni ngingathi leli gumbi elawo wonke umuntu oyingane ekhaya. Ubuthongo bami baphazanyiswa umsindo owenziwa umfowethu kanye nodadewethu abangilamayo.

“Vuka sisi vuka,” ngabezwa bengibingelela ngevuthayo impama le.

‘Oh nkosi, akukho ukuthula lapha ekhaya,’ ngasho ngaphakathi ngibabuka bemi phambi kwami.

Ngasukuma ngalungisa lapho engangicambalele khona. Ngalibangisa ekhishini, ngazithela kumama, owayeseqalile ukwenza okuya ngase thunjini. Ngamubingelela umama. Wayebukeka njenga nsukuzonke, phela uMama akasiyena umuntu wamazwi amaningi. Ugogo yena wayezihlalele kusofa ebuka umabonakude. Kwakuwusuku olufana nezinye.

“Sane awukubheke lezi zingane ukuthi ziganga kuphi?” kwamemeza umama.
“Yebo, Mama, ngizobabheka.”

Ngaqala ngalandela ngendlebe ukuthi umsindo uqhamuka ngakuphi. Ngabafica egumbini lami bevele ngemilenze njengemaxoxo ngaphansi kombhede wami.

‘Mameshane! Labantwana bayangilinga’.

Babesina bezibethela ezincwadini zami engangizifihlile ngaphansi kombhede. Ngashaqeka ngibona ukuthi badabula izincwadi zami. Babedabula yonke into kanye nencwadi yami yekhethelo engangibhala izinkondlo nezindaba kuyona.

“Kodwa nganenzani!”ngasho ngibashaya ngokukhulu ukucasuka. “Sukani ebusweni bami!”
Hawu amandla ami wonke! Izindaba zami! Lapho bona babe sebeshilo ngengila.

“Kwenze njani?”kwabuza uMama eza ukuzobona.

Wangifica ngiphansi ngizama ukuhlanganisa amaphepha kodwa kwakusekufana nomdlalo nje. Zehla zilandelana izinyembezi kimi. Le ncwadi ibifana nomphefumulo wami. Konke okusenhliziyweni yikho konke osekuyizingcucu.

“Thethelela, Sane. Uzophinde ulobe ezinye,” ngezwa kusho ukhulu emuva kwami.

Ngilobe ezinye? Khona kuzophinda kube kanjena?

“Ezinsukwini ezidlule bengisanda kuthola umuntu ozongeseka. Iphupho lami beselizofezeka, kodwa sekufanele ngikhohlwe,” ngasho ngezwa kuhlengezela izinyembezi.

Ngangicasukile, ikhanda lami ligxhabha. Ngaphuma ngokukhulu ukushesha. Ngaya phandle, ngiyokwehlisa igwebu. Kwakuthuli phandle, kungafani neze nempilo yami. Hawu kodwa impumelelo yami kodwa! Lezi zingane!
Ngezwa isicabha sivuleka, nakhuya sekuqhumuka umfowethu omfishane. Ngavane ngazibhekela le.

“Sisi mi,” ngamuzwa esho kimi.

\Ngavele ngamushaya indiva nje.

Waqhubeka wathi, “Mi iphepha, Sane.”

Ngaphenduka ngokushesha ngifuna ukumuthuka ngimubize ngawo wonke amagama amambi. Ngangifuna ukuthi, ‘Suka la mgodoyi!”

Kodwa ngazibamba ngoba ngabona ukuthi ephethe iphepha elalibhalwe ngesandla sami. Ngalifunda leli phepha, ngabona ukuthi kwakuyi nkondlo engamubhalela yona mhlazane ezelwe.
“Ngiyabonga, Sane.”

Kwathi cosololo enhliziyweni kodwa kwafika muvana ukuthi ubengeve ebonga ukuthi ngithathe iphepha. Ngamubuka ebusweni ngabona ukuthi ubonga ukuthi ngamubhalela inkondlo. Ngamulandela sesilibhekise endlini. Ngathumela yona leyo nkondlo kubahleli bezinkondlo.

Emuva kwezinsuku ezintathu bangamukela abashicileli bezinkondlo. Ngajabula kakhulu ngibona incwadi enegama lami. Lowo mntwana uyinsila yempumelelo yami. Zombili ezakithi zakha isisekelo sendlu yami.

***