Ukuhlupheka kwesinye isikhathi kuyakwenza ukhule uphenduke indoda kodwa umncane, noma uzithole usuwumama womuzi kodwa ungakagani.

Ubeqinisile ngempela ubaba uma ethi ‘ubudoda abukhulelwa kodwa uba indoda ngezenzo zakho’ ngoba ungaba nayo intshebe nomphambili kodwa umqondo wakho ungasebenzi nhlobo. Uma uyindoda ubonakala ngezenzo.

Ubudoda abukhulelwa, akundingi ukuthi ube neminyaka eminingi ukuze wenze izinto ezinkulu. Uma sikhuluma ngobudoda asikhulumi ngokuthi umpunga, kodwa sikhuluma ngemisebenzi yakho emihle oyenzayo okuyiyona ekwenza ube indoda. Ubudoda abukhulelwa, ubungwemvu abukhulelwa kodwa imisebenzi nento oyikhulumayo iyona eyokwenza ubizwe ngendoda. Awukwazi ukuba indoda kodwa imisebenzi yakho ingabonakali, uma wenza kanjalo kungcono ubizwe ngokuthi ‘ungowesilisa nje kuphela.’

Khohlwa uma usazeya, uzibukela phansi, ngoba nakhu usaba ‘omana lapha sikutshele’. Uma usacabanga kanjalo kufanele wazi ukuthi usazodlala izinganekwane. Kuzophela isikhathi ungazi ukuthi wenzani ngempilo yakho. Qaphela! Ubudoda abukhulelwa ingakho isisho sithi, ‘inkunzi isematholeni’; indoda iyindoda ngezenzo zayo hhayi ngobudala bayo.

Akudingeki ukuthi uze ubemdala ukuze wazi. Ubudoda abukhulelwa, ikusasa lendoda lisekucabangeni kwayo isikhathi sisekhona, ukuze ube nekusasa eliqhakazile. Okunye okubalulekile ukuyalwa ezindleleni ozihambayo. Ungabomshaya indiva umuntu okuyalayo, ubomkhothamela lowo muntu. Iziyalo zingumhlahla ndlela, ukulalela kuletha ukukhanya, ukubekezela kuzala impumelelo futhi ziyakhana iziyalo. Umuntu ukuthi uyindoda emadodeni simbona ngezinto ezincane nje, kodwa uma ungakabi indoda ngokwanele kunzima ukuthi uvume amandla enye indoda. Lubunjwa luseva! Elami elokugcina lithi: Ubudoda abukhulelwa!