Lesi sifo sayinyonyobela sayiqeda iNingizimu Afrika. Safika sagadla kwephukela. Sagadla kwavuleka ingozi engeqiwa ntwala. Kwavuza igazi, lageleza layongena emfuleni. Umfula waphenduka igazi, kwafa izinhlanzi zabola. Kwanuka izwe lonke sekuqhuma izimpethu.

Lolu bhubhane lwaqala ezweni laseChina. Sasingazitsheli ukuthi nathi siyindlu emnyama singachaphazeleka. Leli gciwane sasilibukela kude, kanti asibuzanga elangeni. Kwaqala ngokufa komuntu oyedwa la eNingizimu Afrika. Ngokushesha kwabhebhetheka ukufa, kwanda kwaze kwaba insakavukela umchilo wesidwaba.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika wabeka umthetho wokuba sihlale emakhaya. Kwaze kwakhishwa amasosha ukuze azogada okhandalimtshelokwakhe. Amasosha ayehla enyuka emgwaqeni, ethule ethe cwaka, ebheka izigilamkhuba. Abantu ababevunyelwe ukuphuma ngabantu ababeya emitholampilo, ezibhedlela, kanye nabayothenga ukudla. Abantu ababevunyelwe ukuya emsebenzini yilabo abasebenza imisebenzi ebalulekile engingabala kubo abahlengikazi, odokotela kanye namaphoyisa.

Kwake kwaba khona isikhathi lapho amatekisi ayehamba ngezikhathi ezithile kuphela. Kwakuthi uma kushaya ihora leshumi ebusuku kube sekome nkwe emgwaqeni. Amatekisi ayegcina ngehora lesishiyagalolunye ebusuku ukuhamba. Ayeze abuye ngehora lesine ekuseni. Uma ube nebhadi waselwa kwakuba usuzalelwe inja endlini.

Kwabekwa umthetho wokuthi wonke umuntu kufanele agqoke isifonyo uma esendaweni enabanye abantu noma egibela itekisi. Isifonyo sivimbela ukuba leli gciwane lingasabalali kwabanye abantu uma uthimula noma ukhwehlela. Inani labantu abagibelalayo etekisini lehliswa. Kwathiwa kugibela abayisikhombisa kuphela. Osomatekisi babekhala ngendlala bethi abasakwazi ukondla imindeni yabo ngenxa yomthetho obekiwe.
Kuthe kusenjalo kwavalwa ukudayiswa kotshwala kanye nogwayi. Abanikazi bamathaveni basokola kakhulu. Izwe lavele lashintsha laphenduka into esingayazi.

Ngikhumbula kahle ngiziphekela ekhishini lami e-res ngenkathi ngithola isimemezelo esithi kumele siphindele emakhaya. Inyuvesi yakhipha inqwaba yamabhasi ukuthi ayosibeka emadolobheni aseduze nasemakithi. Nami ibhasi langiqathaza KwaDukuza. Kwakumnandi ngisahamba ngoba ngangizitshela ukuthi kuzoba into yesikhashana ezophinde idlule futhi. Kanti ngishaye eceleni kwashunqa uthuli. Ngahamba ngoNdasa e-res. Unyaka waze wacishe waphela golokoqo ngihlezi ekhaya.

Kwakungenzima kakhulu kimina ngoba kwakukhona imali eyayingena inyanga nenyanga. Umfundaze wami waqhubeka wakhokha ngisho sengihlezi ekhaya.

Isikhathi sokumiswa kokusebenza kwezinto ngendlela ejwayelekile kwangisiza kakhulu. Ngathola isikhathi esiningi sokubhala izinkondlo, izindaba kanye nezimvusangqondo. Kulapho ngashicilela indaba yami yokuqala ethi ‘Ngizofa lapho ofa khona’. Ngaphinde ngabhala umdlalo womoya ozodlala kwi Khwezi FM osihloko sithi ‘Imphefumulo Enkonkoshelene’. Ngaphinda ngabhala enye indaba ethi ‘Liyoze Line Nangakithi’. Ngase ngibhala inoveli ekhuluma ngokukhula kwami kanye nokuhlukumezeka kwami. Isihloko sayo sithi, ‘Akulahlwa Mbeleko Ngakufelwa’. Ngaphinde ngabhala izindaba ezimfushane nezinkondlo eziningi. Ngazibona sengikwazi nokubhala ngisho izimvusangqondo.

Lesi sikhathi sangisiza kakhulu empilweni yami. Yilapho engaqala khona ukuthola imali ngokubhala. Ngabe sengihlela ukwakha indlu yami ekhaya. Lesi sikhathi sangikhulisa ngavuleka amehlo. Yilapho engabona khona ukuthi uJesu nguyena Nkulunkulu nomsindisi wami. Ngaqala ngaba nothando lokuya esontweni. Ngeshwa amasonto ayevaliwe. Kodwa lokho akungivimbanga ukuthi ngisondelane noNkulunkulu. Ngahlala ekhaya ngafunda ibhayibheli lami. Ngaphinde ngabuyisana namalunga omndeni esasihilizisene nawo.

Kodwa abanye abantu kwakunzima kubona. Abanye omama babephila ngokudayisa emgwaqeni. Kodwa lokho nakho kwakuvaliwe. Kweminye imizi ibhodwe lase lingayi nhlobo eziko. Kwase kuzilalela ikati emlotheni lizwa kufudumele. Impilo yashintsha kakhulu futhi akusoze kwafana nasekuqaleni.
Imidlalo yebhola yavalwa thaqa. Kanye nemicimbi emikhulu. Ngakho abaculi bebengayenzi nhlobo imali. Lesi sifo saletha indlala nosizi ezweni lethu. Izulu lathatha osemsamu lamlahla emnyango. Lathatha osemnyango lamlahla emsamu.

Ngiyakubona impela okokuwa komnotho. Abantu bafisa okwezintuthwane. Abahlengikazi nodokotela baphuma ngamabhokisi. Abantu bagula ngapha nangapha. Kwakungeyona iNingizimu Afrika yodwa. Maningi namanye amazwe ayehaqwe yilesi sifo. Ngibala oKenya, USA, Iran, Italy, Zimbabwe kanye namanye amaningi.

Imibhede yagcwala kakhulu ezibhedlela. Uhulumeni waze wahlela ukwakha izibhedlela ezintsha. Izalukazi namakhehla zazisengcupheni yokutheleleka ngaleli gciwane ngoba sihlasela kalula labo abanamasosha omzimba antekenteke. Abantu ababengaphilile kahle nabo babesengcupheni yokuthola ubhubhane lwe Covid 19.

Nami bengisika kwelijikayo nje. Kuningi okwenzeka ngesikhathi sokumiswa kwezinto. Nanoma ubani unendaba yakhe ehlukile angayixoxa. Ngoba lendaba isithinte sonke kodwa ngezindlela ezahlukene.

***