Ngisebumnyameni ngingayiboni indlela, ngidinga ukukhanya, kwaqhamuka inkanyezi yaba isibani sempilo yami. Ngazibona ngingumuntu ebantwini lapho esandleni ngiphethe isikhali sokuphendla indlela ngiphokophelele phambili esizindeni sakoNjongo.

Injongo yami yokuphumelela ingibusa nsuku zonke. Nami ngizimisele ukuba ngomunye ophethe isibani esikhanyayo kulomuzi kaNomawele asakhele wona ongakhethi bala lamuntu.
Nomawele ungumama oqotho. Phela wena awuhlukanga nomkhumbi kaNoah owasindisa izimpilo eziningi ngokuba nothando lokucathulisa zonke izingane zakho ngesizotha nangothando olufudumele lobumama.

Ngicathulise nami ngingasaleli emuva. Ngiyafuna ukufika ekujuleni kwekusasa lami njengawe Nomawele osuphumelele empilweni. Nomawele uyisiqalo sempilo yami, ngiwelise ngale komfula ogeleza ngamandla. Wena mbokodo eyisisekelo sempilo yami, ‘Mama wethu sonke.’

Kwazi thina ngobuqotho bakho kuleli khaya owalizabalazela kanzima ulakha ngezakho izandla uwedwa ukuze livuke libe umuzi omkhulu. Ubuqotho bakho bususe inkungu emehlweni abaningi wabanika ithemba lokushintsha izimpilo zabo ngalenjula buchopho eyingumphako wokudla kwengqondo okwehluka hlukene.

***