Eqinisweni iningi lethu liyafisa ukufana nabantu abanjengoTata uNelson Mandela. Iningi lethu sikholelwa ekuthenini kufanele umuntu aze abe nogazi ukuze athandwe njengoTata. Abanye baze balibeke ngembaba elokuthi kofanele ugqabe ngezigqabo uphinde uphalaze ibese uqhatha ngeziqhatho ezisezingeni eliphezulu kakhulu. Uzomangala uma uzwa ukuthi yini lena eyenza ukuba uTata abe sezingeni akulo njengamanje.

Wu ‘sawubona’ noma u ‘molweni’ njena cha. Iningi labantu abakhula naye, kanye nalabo abasebenza naye bayakufakazela lokhu. Ngisho nomakhelwane basemzini wakhe oseSoweto, eOrlando eVilakazi Street baphinde bakufakazele kakhulu lokhu. UTata wayebingelela wonke umuntu njena kungakhathaliseki ukuthi unjani. Bangakhi phakathi kwethu abasakwazi ukubingelela na?

“Sawubona Zodwa.”

“Yebo.”

“Kunjani?

“Ngiphilile, ngingezwa kuwe Mduduzi.” Awusho-ke ukuthi yini lena esingathi ilukhuni ngalokhu?

Labo abanamahloni okuthi sawubona, babonakala ngakho ukuba yizinkomo ezidla zodwa. Angithi phela kwabona abangane wajwayelana nabo ngakho ukubingelela lokhu? Kanti noma sekuthiwa unguvuk’vale wesishimani, ukubingelela kukuvulela amathuba amahle okushela uma uyinsizwa. Kanti uma ungowesifazane usuke ususenkingeni-ke lapho.

Ingani phela uma ungenza iphutha lokuvuma lapho ubingelelwa yinoma yisiphi isishimani lesi, ungaze uzithole usucefezelwa? Kuthi lapho uthula uma ubingelelwa, ushaya kwangathi awuzwanga, sekuyothiwa unokuzithwala? Okuvamise ukuba ngcono ngukuthi uma isishimani sikubingelela uphendule ngezindlela ezisheshayo. Njenga lena:

“Sawubona Bongi.”

“Yebo.” Kuno kuthi. “Yebo, unjani Bheki?”

Ngokuba uma uke wathi unjani Bheki, umfokaSishimani usengahle azitholele nethutshana lokuthi: “Inhliziyo yami ayiphilile neze Bongi…” Uma ungase wenze ithuba lokubuzana nezizathu zokungaphili kwezinhliziyo, useyokushela-ke noma kanjani uBheki lona. Kunesidina kabi ukushelwa nguvuk’uvale wesishimani esingakaze sibe nentombi. Noma ungamala kepha useyoba neqholo lokuthi useke wakweshela…

Asiy’bambe lapho-ke mzala!

Ayikho into ebuhlungu njengokugcina imizwa yakho kuwe. Kungakhathaliseki ukuthi mizwa mini leyo. Kodwa ukubingelela kuvamise ukudambisa ivayivayi(ingebhe) kancane. Ngisho nalapho kuthiwa uyohlungelwa umsebenzi. Uma uqale ngakho ukubingelela kahle wonke umuntu oyomfica lapho uyohlungelwa khona, nevalo liyaye lithi damu kancane. Kuthi lapho sekuqhamuka isidlithadlitha sendoda ehlinile okuthiwa yiyona ezokuhlunga, uvele uyinqoba ngakho ukuthi: “Sawubona mnumzane.” Ulandelise ngokumamatheka. Inhliziyo yomcashi iyoncibilika noma kanjani.

Sivamisile ukuthi sigxeke abantu abangabingeleli. Esikhathini esiningi siyaye sibagxeke ngokuthi banokuthwala amahlombe, noma basibukela phansi. Okusuke kukuxake ngeningi lalaba bantu ukuthi, kuthi lapho uma usubasondela kanti futhi ubejwayela ufumanisa ukuthi ngabantu abanokuzithoba okuyinqaba lokhu. Esikhathini esiningi, kuphinde kuhlawuleke ukuthi ngabantu abanothando lokusiza abanye abantu. Pho yini bengabingeleli? Ziningi kakhulu izizathu zalokhu.

Mina engizejwayele zimbili.

Sokuqala ngamahloni nokungazethembi. Kanti esesibili ukunganaki imizwa yabanye abantu ngenxa yokuthi nabo eyabo ayinakwe muntu. Abantu abanamahloni kanti futhi bengazethembi, bavamisile ukuba yizinkomo ezidla zodwa. Abaxoxi, abamamatheki, bayazenyeza kanti futhi bavamisile ukuba nengqindezi. Mhlawumbe ngaphambi kokuthi sibagxeke kanti futhi silingise lesi senzo sabo sobugwala bokusaba ukuthi ‘sawubona’.

Masibabingelele kuqala.

Uma ubabingelele laba bantu, uzobubona kahle ububonabona. Iningi labo bazokubingelela kuqala lapho bekubona. Lesi sizathu sesibili sokungayinaki imizwa yabanye abantu sithala ukuba nqala. Loluhlo lwabantu noma ungambingelela, kungenzeka yena avele akwendlule njengesigxobo. Kokunye akubingelele ngo “hello”. Ukuthi lokho kukuphatha kahle noma kabi, akusewona amajazi wakhe.

Ngosuku aneme ngalo, yilapho ayokubingelela kahle ngo’sawubona, kunjani?’ mina angisiboni isidingo sokuthi singaze silingise lesisenzo somuntu ongaphelele ekhanda ngokuthi singambingeleli. Naso isiwula sikaMvelingqangi lesi sibingelele, kwazi bani, kokunye singase sibonele kuwe bese naso siqalise ukubingelela.

Uma uthi uyakhumbula kahle eminyakeni eyishumi nambili oyifundile, bangakhi abangani osuhlangane nabo ngokubingelela lokhu. Uma ufana nami ungaze usho uthi, bayinqwaba. Mina cishe konke engikwazi ukukufinyelela empilweni ngakufinyelela ngakho nje ukubingelela. Ngangibingelela ngize ngibingelele nokuyinganyana elenga amafinyila evamise ukungendlula ingangibingelelanga.

Yize ngizibulawela ngamahloni nevayivayi, kepha ukubingelela kuyakwazi ukungidambisela kancane. Namhlanje angidingi nokuthi ngize ngibambe lokhu abakubiza ngeplug. Kulabo abangakwazi ukubamba iplug, kusho ukuphuza kancane utshwala ukuze ususe amahloni. Ukuphela kwento engisangayenzi leyo.

Kepha phambilini ngiseyibhungwana, sengike ngayizama lento ngabona kahle ukuthi ayisanga kahle. Phela umkami esengimfake indandatho sengike ngenza izaba zokumbambela iplug. Wuzwani wena uMhayise esedla ukudla okubabayo ngokweqile edamane eqalaze ukuthi isengakaqhamuki yini lentombi. Okwakunzima yikho phela ukuthi sasingabingelelani nhlobo.

Isizathu salokho kwakungukuthi kwathi lapho ngizama ukumbingelala uSenzi, yena wayesezithulela njena. Nami ngavele ngabona kahle ukuthi intombi lena ingithulele ngokuba nakhu ingibukela phansi. Isisombululo yikho ukuthi ngimbambele iplug bese ngimtshela ezikabhoqo uma kwenzekile esengeyisa.

Hhayi-ke intombi yakwabo iqhamuke isinyathela ngabantwana. Ngathi ngingayibona, ngase ngisukuma sengizinntengezelela njena. Kuthi ngingasondela ngakuye ulwimi luvele lubophane into eyinqaba lena. Kwakuthi lapho ngivula umlomo kwakuvele kuthi fuqu iphunga lotshwala!

“Amakati akhala ngobisi, kanti nezinja zikhala ngamathambo, wena ukhala ngani-ke?”

“Ngi…ngi..khala nga…nga…” Ngangikhuluma kanjalo ngizama nokusondela kuSenzi. Yena wavele wangisunduza ngayothi gqinsi phansi. Iplug ayizange isangisiza ngalutho lapho. Kunalokho isithunzi sami sadicilileka phansi. Konke lokhu bekuzogwemeka uma ngabe ngangivamise ukumbingelela loSenzi. Ngokuhamba kwezinsuku, ngabona kungcono ukuthi ngiqalise ukumbingelela loSenzi. Naye ngokuhamba kwesikhathi kwase kungunguyena ongibingelelayo. Hawu, ekugcineni icilo wayesezishaya kalula njena endukwini. ( Ngibhala kanjena, nangu yena lapha eduzane nami.)

Uma ngabe ungumuntu ojwayele ukusebenzisa itekisi noma ibhasi uzovumelana nami uma ngithi abagibeli bayakujabulela ukubingelelwa ngumshayeli. Umshayeli ovele asho esihlalweni sangaphambili bese edumisa imoto uvamise ukuba nenkinga nabagibeli lapho sekufanele acele ukuyogcwalisa uphethuloli. Kanti kuvamise ukuba yinkanankana uma sekwenzekile ukuthi imoto yalomshayeli ongababingeleli abantu imphukele endleleni. Noma sekwenzeka ukuthi umshayeli wetekisi lona ezithola edlelezelwa ngabagibeli bezimoto, abagibeli bavele bazisongele izandla bathi: “Zindala zombili.” Kokunye umshayeli angaze agcine ezetholwa eseshaywa abashayeli bezimoto abagibeli ababengamlamulela bekhona.

Lona ongena etekisini ngothi: “Sanibonani.” Kuvele kube kwangathi unogazi nje. Uma ecela ukuyothela uphethiloli, abagibeli ababinayo inkinga ngalokho. Uma engenawo ushintshi, uyasizwa ngaphandle kokukhononda. Lapha emgwaqweni uma kwenzekile umshayeli osephuthezi ezama ukumdlelezela, uyowotha ubomvu kubagibeli. Ngenxa ka’sawubona’ umshayeli lona uzithola eseqaphiwe futhi evikelekile.

Izigelekeqe lezi ezazibizwa ngamasalomosi, zazivamile ukusebenzisa ukubingelela ukuze zithole ithutshana lokukugebenga kahle. Phela ngaleya minyaka kwakuthiwa uma uya edolobheni uphethe imali kwakungafanele ukuthi uvume lapho ubingelelwa ngumuntu ongamaziyo. Kuthi lapho umuntu ezama ukukubingelela kufanele wena uzithulele njena. Kwakunenkolelo yokuthi uma njena ungenza iphutha lokuvuma, wo sekuphelile ngemali yakho.

Phela kwakuthiwa imali yayivele iziphendukele amaphepha amhlophe. Futhi indaba yamasalamosi! Mangisho kugcwale umlomo ukuthi, kwakuukuthula kwakho lokho lapho ubingelelwa kwakungaqinisekisi ukuphepha kwakho kuzigilamkhuba. Nazo vele zase zazi kahle ukuthi uma umuntu ethula lapho ebingelelwa lokho kuchaza ukuthi uphethe insavunsavu yemali.

Ngamanye amagama ‘Zilele lapha kuye.’ Edolobheni lasePitoli sengike ngabona umlisa mumbe okwathi lapho ebingelelwa ethula, kwavele kwathiwa kuye: “Uthula ngokuba nakhu uyisigebengu wema! Angithi wuwena ongiphuce imali yami laphaya ekhoneni?”

Engakaphenduli umlisa wenkosi lona, zase ziphezu kwakhe izigilamkhuba zansondo lezi. Zamkhuthuza wasala esetikiza njengenyoni engenazo izimpiko.

Kokunye uyaye uthi uyabingelela kanti ngenhloso yokubuza indlela kanti usuzithintele. Lona ombingelelayo avele athi kuwe: “Ungibingelela njena uyangazi wena?” Noma. “Usufuna ukungibamba inkunzi Sathane!” Omunye angaze akugqabule ngenkulu impama enokhanakhana eyokushiya ubona izinkanyezi.

Nginethemba lokuthi ngemuva kokuzithola kulesi simo, uyobe unesibindi ngempela uma uzoke uphinde uqhubeke nokubingelelana nabantu ongabazi. Uma sibheka amazwe anjengeMelika, usiko lokubingelela alufani nalolu lwethu. Emadolobheni anjengeNew York, kunzima njena ukuthi ungabuza indlela uma uzithola usudukile.

Kwesinye isikhathi ungaze ucabange ukuthi amaMelikana omdabu yiwona angahle akuyalele indaba. Phinde. Uyothi uyabingelela umMelikana avele akubuke njena. Emazweni amakhulu kwaziwa ukuthi thina aboMdabu abaseAfrika yithina esikukhonzile ukubingelela. Kodwa nabo bayobamba ongenzansi uma sebehlaluka ukuthi nathi sesilingisa lokhu kwenza kwabo kokungabingelelani.

Uma ngabe uyinkomo edla yodwa, noma ungumuntu onesizungu esiyinqaba ngenxa yokuthi awunabo abantu ongaxoxisana nabo, zibuze lokhu. Ngiyababingelela yini abanye abantu. Uma usuyitholile impendulo efanele, yenza izaba zokuthi: “Sawubona.” Ngiqinisile, nginisile ngithi: abayoqhubeka nokubingelela bayowubona umbuso wempumelelo ekulomhlaba. Amen.

Masiyivale lapho-ke inkonzo yethu mfundi.