Usuku lwesishiyagalombili kuMbasa ngonyaka ka2019 usuku engingasoze ngalukhohlwa noma kungathiwani empilweni yami. Hhayi bo! Noma ngingavuswa ngilele ngingavuka ngikuxoxele konke okwenzeka ngalolo suku.

Ngaphambi kokuba ngikhohlwe, ngiqhubeke nendaba, angiqale ngizazise. Igama lami ngingu Nokwanda Sithole. Ngihlala eTembisa, eGoli. Ngihlala nendodakazi yami, uLesedi, kanye nomngani wami, uSphe. Ngisebenza enkabeni yedolobha laseGoli. Ngisebenzela inkampani yabameli, iMaistry Law Firm.

Ngalolu suku engingasoze ngalukhohlwa ngafika endlini sekuntambama ngibuya emsebenzini. Kwakukhona uSphe noLesedi endlini. Ngangigeqekile indlala ngoba ngangigcine ukudla emini.

“Ngaze ngalamba!” Ngasho ngingena ekhishini, ngivula amabhodwe.

“Eish, mngani, nathi siyafika nje manje. Angikapheki ngoba sibambezelekile enkulisa ngesikhathi ngiyolanda uLesedi,” kwaphendula uSphe.

“Hhayi kulungile, mngani, kungcono ngiyothenga amakota ngoba isikhathi sokupheka asikho njengoba silambe kanjena kuyimanje.”

Ngagqokisa uLesedi ijezi, sangena umgwaqo. Safika bengebaningi abantu esitolo esidayisa amakota ngoba kwakuntambama futhi sekubanda.

“Ngingakusisa ngani namhlanje, Nokwanda?” kwabuza ubhuti odayisa esitolo.

“Ngicela ungenzele amakota amathathu anakho konke.”

Ubhuti odayisayo waqala wawenza amakota. Ngaleso sikhathi lalisho ishweza. Ngezwa ukuthi kukhona umuntu oseceleni kwami. Ngaphenduka ngabona ukuthi ngempela kukhona ubhuti omuhle, omude, ongibukayo la eceleni kwami.

“Sawubona, sisi,” kwasho lobhuti omuhle.

“Yebo sawubona,” ngaphendula ngokunganaki.

Wamamatheka lobhuti, wagoba wadlalisa uLesedi ngokumuthinta ezihlathini. Wamamatheka uLesedi.

“Nayi imali yokuthenga uswidi, sisi omuhle,” kwasho lobhuti enika uLesedi imali engu R 1.

“Ithi uyabonga, Lesedi,” kwasho mina.

Kwathi engakasho uLesedi wasukuma lobhuti wangibuka ezinhlamvini zamehlo wamamatheka, wathi, “Uyazi, ntokazi enhle, angithathiwe.” Wangibuka phansi wangibuka phezulu wanikina ikhanda, wathi, “Ngempela angithathiwe ngidinga umuntu omuhle onesizotha ofana nawe. Ngabe ngiyona uma ngibuza ukuthi ngabe usuthathiwe yini, ntokazi?”

Kwathi heqe! Lwangishaya uvalo. Ngaphendula ngathi, “Hhayi, cha anginaye umuntu.”

Kwaba ukusho lokho ngabona isimanga. Hhayi bo! Akaze asine kanjena umuntu wesilisa. Wagiya uqobo lokugiya phambi kwesitolo.

“Igama lami nginguFana. Ngokusebenza ngingummeli enkantolo enkabeni yedolobha lapha eGoli,” washo eseqedile ukusina, ehefuzela.

Alunga amakota, ngawathatha, ngakhokha. UFana wahamba nathi esiphelezela siphindela endlini. Kwakulula ukuxoxa naye uFana ngoba ngamubona engumuntu okhululekile, ohleka njalo.

“Ngafika ngokuzosebenza lapha eGoli. Empeleni inkaba yami iseNewCastle,” kwasho uFana.

Safika esangweni nganika uLesedi amakota ukuba angene nawo endlini ukuze mina noFana siqedele ingxoxo yethu. Sakhuluma isikhashana ngabona ukuthi ngempela ngithathekile ngaye uFana. Wasondela ebusweni bami, wangiqabula.

Kwathi ngisadidekile kanjalo ngamuzwa esethi, “Nakhu okuncane ukuze ukwazi ukuzithengela izinto ozidingayo.”

Ngabuka ukuthi yini lena ayifaka esandleni sami ngabona ukuthi imali. Lapho ngangisathukile ngoba ngangiqala ukubona umuntu wesilisa owenza kanjena. Esitolo wayesinile, wagiya, wadlalisa ingane yami waphinde wayipha nemali. Manje nakhu engipha imali futhi uyangiqabula ngokushesha.

“Ngizokubona maduze,” kwasho uFana.

Ngangena endlini ngaxoxela uSphe isimanga esingivele njengoba ngikade ngiphumile ngiyothenga amakota. Ngathi ngisaqala ngixoxa lwakhala ucingo, kunguye uFana ongifonelayo.

“Nokwanda wami. Nisale kahle lapho endlini?”

“Yebo, sisale kahle,” ngaphendula ngizwa ukuthi inhliziyo iyavuleka iyamamukela uFana.

Ngakusasa emsebenzini wangifonela kathathu. Sazixoxela, ngakujabulela ukunakwa umuntu wesilisa omuhle futhi okucacayo ukuthi unempatho enhle.

“Manje awusho, Nokwanda wami. Uphuma nini emsebenzini?”

“Ngiphuma ngehora lesithathu, Fana.”

“Manje namhlanje uhalela ukudla ini?”

“Namhlanje ngihalela iKFC.”

“Kulungile, ngizofika nayo uma sengizokulanda.”

Kusukela ngalolo suku saqala impilo yokudla ukudla kwasezitolo kuphela, indaba yokupheka kwaba yinto engingasayazi. Phezu kwalokho uFana wayengilanda nsuku zonke emsebenzini. Ngajwayela nokumvakashela emzini wakhe.

Kwathi ngelinye ilanga ngimvakashelile ngaqaphelisisa ukuthi njalo mina ngihamba kuqala kunaye ukuya emsebenzini. Nantambama futhi uFana wayebuya nanoma ingasiphi isikhathi. Kwathi ngolunye usuku ngimvakashelile, ngifike noLesedi, wahamba ubusuku bonke uFana. Wabuya ngakusasa waxolisa ngokuthi ubambeke emsebenzini ngenxa yecala elibucayi alisebenzayo. Kwathi kusanda kudlula leso sigameko ngathola isikhwama somuntu wesifazane sifihliwe ekhabetheni lezingubo kwelinye igumbi emzini wakhe.

Ngehluleka ukuzibamba, ngamqonda uFana.

“Esikabani lesi sikhwama, Fana?” ngabuza ngizwa ukuthi izinyembezi zigcwele emehlweni.

Waphendula wathi, “Ungakhali, Nokwanda. Leso sikhwama esikadadewethu. Ubengivakashelile ezinsukwini ngesikhathi ungekho.”

Ngakudlulisa nalokho, ngakholwa. Saqhubeka nokuthandana, kwaba mnandi. Dukuduku ngakusasa uFana wafika engiphathele isikhwama esihle kanye namateku awuhlobo lwe-All Star. Kwaba injwayelo njalo ukuthi uma engalalanga endlini afike engiphathele izipho. Ngagcina nginenqwaba yezikhwama. Omakhalekhukhwini bona ngagcina sengiphatha ababili. Imali sasingayisweli kodwa ngamangala ngelinye ilanga kufika abantu bethi bafuna uFana, babika ukuthi ubakweleta imali.

Ngaqala ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngempela ngesikhathi efika endlini ephethe i-laptop. Ngabuza ukuthi uzoyenzani enye i-laptop ngoba wayenayo enye. Wathi uyiphathiswe ngomunye wabangani bakhe maqede waphuma endlini isikhashana wabuya esephethe imali. Nabangani bakhe ngangibabona ukuthi kukhona abangifihlela khona.

Ngelinye ilanga ngisekhefini emsebenzini ngabona intombazane egqoke kahle, iphethe isikhwama esihle esibomvu. Ngayibuka lentombazane ihamba kwathi isibuqamama kwaqhamuka indoda ende ngethambo yayihlwitha isikhwama. Kwenzeka ngokuphazima kweso kodwa ngabona ukuthi lomuntu oyihlwithile isikhwama ufana ncamashi noFana. Ngazibuza ngaziphendula usuku lonke ukuthi ngabe uFana ngempela lo engangimubonile ebamba umuntu wesifazane inkunzi. Ngangingafuni ukukholwa ukuthi umuntu engimthandayo uyisigebengu.

Ebusuku ngalelo langa wafika endlini emamatheka uFana.

“Sthandwa sami ngiyazi ukuthi unezikhwama eziningi kodwa lesi engikuphathele sona ngisibone esitolo ngathi singakufanela,” kwasho uFana enginika isikhwama.

Ngasibukisisa isikhwama ngabona ukuthi isona lesi esibomvu engimbone esiphuca leyantombazane emini. Ngathula ngangasho lutho ngoba ngesaba ukumbuza. Phela ngangingazi ukuthi uzothini uma ngimtshela ukuthi ngimbonile.

Ngakusasa ntambama kwafika usisi engingamazi emzini kaFana.

“Mina ngingumama wezingane zikaFana,” kwachaza losisi. “Bengibheka uFana ngoba akondli. Izingane zakhe zilambile, zigugelwe izingubo.”

“Hawu! Ngempela? Bengingazi ukuthi uFana unezingane. Kodwa ke ngicela umlinde noma ngingazi ukuthi uzobuya nini.”

“Ngicela umtshele ukuthi bengikhona. Ungidlulisele umlayezo wokuthi izingane zakhe zilambile. Hhayi angihambe, sisi, ngoba angazi uzobuya nini. Engabe useyobamba maphi amantombazane inkunzi?”

Ngababaza ngathi, “Kanti ubamba abantu besifazane inkunzi ngempela, uFana?”

Wasukuma lomuntu wesifazane, wavala isicabha. Ngasala kanjalo, inhliziyo icwila emafutheni ngoba konke engangikusola kwakuyikho ngempela.

***