Ukungahloniphi esikhathini samanje akufani namandulo. Thina nje intsha yamanje asinanhlonipho;asiboni noma umdala noma umncane kuthina nje kuyazifanela. Kudala abantu abadala bebashaywa nabo bafunda ukushaya izingane zabo zazezaqonda, kodwa manje akusekho lokho akengithi nje inhlonipho isiyantengantenga.

Izidakamizwa kudala zazingadumanga kangaka kodwa manje kudliwa zona. Abanye bathi ziyaphilisa uma ugula kodwa emasisweni yayingekho yonke lenyakanyaka. Kudala kwakuqondile. Kudala wawuvele usebenzise imvelo edalwe nguNkulunkulu umdali wezwe; izithelo nemithi emilayo kuze uphile. Hayi le yamanje yokuphila ngezidakamizwa.

Abelungu bayafisa senze njengabo yonke into, sengisho ukukhuluma; ukudla kanye nosiko. Mawuthi uyabheka vele okuningi yisosona lesingisi, kanti nemibhalo yisingisi lokho kushoni? Kusho ukuthi nathi masifunde njengoba kwasho utata Madiba. Kodwa akathanga sibheme.

Manje okumangazayo kuthina hukuhawukela izinto abazenzayo bese nathi siyazenza. Yingakho intsha imoshakala; bethola izingane ekubeni nabo bayizingane ngenxa yokukhulelwa. Hayibo! yini ongathi siyaduka.

Amasiko kumele ahlonishwe kuzekube manje, kodwa cha, akusekho lokho manje sesizenzela umathanda. Kuthiwa phela siphila isilungu noma ngithi isingisi. Abanye bethu bacine sebezinyanya izithandwa zangakubo sicina sinyanya nokudla esasikudla emasisweni.

Hayibo singakhohlwa ngoba phela sithi sibuswa yisilungu sona esifikayo. Akengithi nawe dade nawe mfowethu zazi ningobani ngoba phela abelungu bona abakohlwa olwabo usiko ngoba bayayazi into abayenzayo.

Kusenjalo kemasingaba lingiseli nathi senze into yethu esadalelwa yona singabantu abamnyama, ngoba asihlukaniswanga yilutho siyafana. Futhi akesime ukubizana ngamagama abuhlungu singabantu abamnyama njengokuthi leli yishangane, yivenda.

Noma yini lomuntu ngumuntu omnyama ofuna ukubangumuntu ngabantu. Sehlukaniswa yimpi kwazulu nangolwimi. Babaleka bashiya izingane kodwa masingabasabisi masamukele ngothando. Sengiqeda nje, yazi mina ngifisa kuguquke enefuthi ngiyathemba bantu bangakithi ukuthi kuzoba noshintsho.

Yebo kunjalo ke.