(Kusekuseni umama kaSbongile usevukile)

MakaSbongile: Wezingane anivuke kusile.

Sbongile: Hawu ekuseni kangaka mama, khona la uyakhona yini?

MakaSbongile: Cha angiyi ndawo vuka kade kusile, vusa no Sbahle

Sbongile: Kulungile mama (evuka eya kuSbahle). Sbahle vuka, uthi umama asivuke.

Sbahle: Yes (ezilula), kulungile ngiyeza. (esukuma ephuma).

Sbongile: (ememeza) WeSbahle awuvuke wena, ave uyinkathazo. Ngiyeza mama.

MakaSbongile: Ayi lengane ngabekungcono yafa yalandela abazali bayo ngekengime mina lento yayo. (ekhulumela pansi)

Sbongile: (amangala) Awu mama kwakuzokujabulisa yini lokho, ukushiswa yini lokhu okushoyo.

MakaSbongile: (athete) Ayi awungiyeke wena ngitheni mina? Asithandazeni

Sbahle: Kulungile mama asivale amehlo (acime athandaze). Baba siyabonga konke osenzele kona nokudla osiphe khona.

Sbongile: (avule amehlo ahleke kancane aphinde awavale).

Sbahle: (aqhubeke) Uhlale nathi ngaso songe isikhathi ameni.

(Bonke bathi amen bagede badle)

Sbongile: Wathandazake mtase sengelambe ngaze ngasutha (esezidlalela).

Sbahle: (uyadla uyacabanga )

Sbongile: Awu sengikuphathe kabi yini sisi wami?

Sbahle: Cha akunjalo, ukuthi ngiyacabanga.

(Umama kaSbongile aqede ukudla ahambe eyolungiselela ukuhamba)

Sbahle: Awungibambise izitsha ngizikhiphele emnyango.

Sbongile: Kulungile sengilapho.

MakaSbongile: (usemuhle useyahamba ) Sbahle ngifuna ukuthi namhlanje uwashe yonke into yami nekasbongile engcolile. Ngifuna ukubuya zinekiwe uyangizwa?

Sbahle: Yebo mama (edabukisa).

MakaSbongile: Ya ungangibukike – uphi uSbongile?

Sbahle: Usegumbili la khe.

Sbongile: (aqhamuke) Mama uyangibiza?

MakaSbongile: Yebo mntanami. Awungiphelezele uzojika phezulu.

Sbongile: Kulungile mama (bahambe).

(USbahle eseqedile izitsha, usewasha izingubo zika makaSbongile nezika Sbongile.)

Sbongile: (ubuya ukuphelezela umama wakhe) Ayibo izimpahla ezingaka Sbahle. Hawu nezami ayi ungaziwashi ezami,

Sbahle: Umama uthe angiziwashe.

Sbongile: Kulungile ngizokuwashisa, kodwa ezami ngizoziwasha kusasa.

Sbahle: Uzothetha Sbongile.

Sbongile: Ngeke umama angimazi ungenweyini ngempela.

Sbahle: Kungenzeka akangidindi kulomuzi.

Sbongile: Cha akunjalo, ngabe yinhloso yakhe ngalokhu.

(Kubo kaZinhle bazihlalele bodwa, abazali babo basahambile kukhona uZinhle noBrown)

Zinhle: (uxoxanomfowabo) Ngaze ngamukhumbula umngani.

Brown: Ubani lowa?

Zinhle: Ngeke umazi uSbahle.

Brown: (ahleke) Vele ngeke ngibazi bonke.

Zinhle: (amuhleke) we…

Brown: Yazi manje sengikhulile sekumele ngiyeke ukuthanda amantombazane.

Zinhle: (ahleke) Kwangafana ke nawe lokho

Brown: Ya sengifuna umuntu ozimisele ngempilo, owaziyo ukuthi ufunani.

Zinhle: Washo ke ukuthi usukhulile wena bhuti wami (emubhuqa).

Brown: Akukho okunye ama (20) awadlali ngimdala mangimgaka.

(OSbahle sebeqedile yonke into sebeze bapheka)

Sbongile: Umama kanti akabuyi yini mhlampe?

Sbahle: Useyabuya.

MakaSbongile: (engena) Ngafa ukukhathala. (efika nokumnandi)

Sbongile: Hawu bese ngimangele ukuthi kanti awusabuyi yini.

MakaSbongile: Kuyabuyeka ngani yami, awuthathe la ubeke ekhabetheni ungavulike.

Sbongile: Kanti kukhonani le engaka?

MakaSbongile: Lutho beka wena lapho. Awu Sbahle wangihlahlela amehlo nje, nansi ingane bo ungangibukinje kangaka. (emusukela uShahle asale esethula)

Sbongile: (emangala) Mama usenzeni manje uSbahle wadlala ngaye nje?

MakaSbongile: Ngoba phela unake lento ayenzayo.

Sbahle: Ngiyaxolisa mama.

Sbongile: Nami ngiyamuxolisela uma ungasabukwa. Yini mama unani uphoxeke ekuhambeni? (ahleke)

MakaSbongile: Uyedelela weSbongile, awungiyeke.

Sbongile: Cha mama ngiyabuza ukuthi ngibona indlela okhuluma ngayo noSbahle.

MakaSbongile: Aningiyeke ngisayolala. (ahambe)

Sbongile: Awukufuni ukudla?

MakaSbongile: Kuphekwe ubani?

Sbongile: Awu ithina.

MakaSbongile: Ayi ngisuthi.

Sbongile: Wee

Sbahle: Awushongo ngani ukuthi kupheke wena?Uubezodla.

Sbongile: Khona ngikupheke nawe kunani ayibo, myeke.

Sbahle: Ayi asambe siyolala (bahambe).

(Kazinhle abakalali abazali babo sebebuyile)

Zinhle: (usegumbini lakhe) We Brown awukalali?

Brown: (akamuzwa ulalele umculo )

Zinhle: Ungizibelani ngoba ngiyazi awulele?

MaZinhle: Zinhle awusiyeke ngomsindo. Hamba kuyena uyeke ukusibangela umsindo kuhlwile.

Zinhle: Ngiyaxolisa mama (evuka eyakuBrown).

MaZinhle: Ya ulale mawungazi uzokwenzani.

Zinhle: Awu ma (engena egumbini likaBrown).

Brown: Awu watheleka nje lana besengithi ngiyalala.

Zinhle: Awe yazi bengithi uyangizwa, ngifuna ungisize lana ngomsebenzi wesiZulu.

Brown: Ngikhathele sisi wami, ungaphatheki kabi (alale).

(Ekuseni sebe liphuzile itiye. UBrown ahambe ayozihlalela nabangani bakhe ngasestolo. UmakaSbongile uyahlanza indlu yakhe abize uSbahle.)

MakaSbongile: (ememeza) WeSbahle?

Sbahle: (asabele) Mama.

MakaSbongile: Awuhambe uyothenga isinkwa khona uzokwenza itiye.

Sbahle: Kulungile mama (athatha imali ahambe).

Sbongile: Uyaphi uSbahle?

MakaSbongile: Uyestolo.

Sbongile: Awu bengasho ngani ngimuphelezele?

MakaSbongile: Ayi ke, umuphelezele ukuba nani? Woza la, uyakwazi ukuzihambela yedwa lo.

Sbongile: Ngyakwazi lokho ma.

MakaSbongile: Khipha izinto ezisekhabetheni uzidle, engaze abuye lo.

Sbongile: Ngiyabonga (azithathe ayozibeka egumbini lakhe).

Sbahle: (usendleleni eya estolo) Nkosi uzube nami konke, lapho engihamba khona ungikhanyisele.

(UBrown ubona uSbahle amubuke, achazeke)

Brown: (uhleli nabangane bakhe )

Sipho: Awu Brown, uyibukani ingane yabantu kangaka?

Brown: Ayi ukuthi iyangichaza.

Sizwe: Ayibo wena wonke bafo, uchazwa ilengane?

Brown: Awu inani?

Sizwe: (ahleke) Yayibona nje lengane ukuthi izixakekele. Wena ngathi niphila kahle kanje kini.

Brown: Akusho lutho ukuhlupheka kwayo. Phela ngingayithatha iphile lempilo engiyiphilayo akuyona inkinga leyo.

Sipho: Kuhle, futhi nalokho uqinisile wena bafo.

Sizwe: Ayi mina ngeke nje ngasicosha isihlupheki ngisibona

Sbahle: (abezwe edlula)

Brown: (amubingelele) Sawubona sisi. Sacela ungilinde sikhulume, ngeke ngisithathe iskhathi.

Sbahle: Khuluma ungisheshisele ngifuna ukuhamba.

Brown: (kubenzima nokukhipha amazwi uyabona ngathi inolaka lentokazi). Kwakuhle ukubona yazi, kade ngifisa ukukutshela ngemizwa yami ngawe.

Sbahle: Yazi uyangimoshela iskhathi ngomsangano angitshele wona. Awungazi nokungazi kodwa usunemizwa ngami, ayi cha bhuti (ahambe).

Brown: (asale ekhamisile ephoxekile).

MakaSbongile: Lengane iyasimba yini isinkwa.

Sbongile: Awu mama, useyabuya. Futhi akukudala ehambile, uyagula wena uzongithola kahle umesebuya.

Sbahle: (engena endlini) Nasi isinkwa, uphi umama?

MakaSbongile: Uphi umama okwamasimba! Kade uhleli kuphi?

Sbahle: Mama angihlalanga nje.

MakaSbongile: (amushaye ngempama) Uphendula bani? Hamba la! (emuxosha).

Sbahle: (aphume ekhala) Mmm Nkosi, kobe uyalubona usizi engibhekene nalo?

(Sekuhlwile balale. USbahle ulaliswe nasemyango. UMakaSbongile abenephupho)

Makasbongile: (uyaphupha) Zethu, ingani yami uyifunani? Yakwenzani? Iyagodola emnyangu wena ufudumele usendlini. Kulungile, konke kunomvuzo wako. (kusho umakaSbahle. Aphaphame ubuhlungu wonke umzimba amemeze kungazwakali Sbahle okanye Sbongile. UmakaSbongile ubesegula kodwa ehlukumeza ngisho kunjalo noSbongile, ubeze amangale ukuthi kanti lento ayenzayo uyenziswa yini.)

(Ekuseni bezihlalele emnyango)

Brown: Yazi kunentombazane enhle engiyibonile kulezinsuku ezidlule. Ngayayithanda.

Zinhle: Awu wena njalo!

Brown: Ya … Phela kungaba yiyona yingxenye yempilo yami uma ingavuma.

Zinhle: Ayi ngifisa ukuyazi (engazi ukuthi umngani wakhe).

(Ekuhambeni kwesikhathi uSbahle bagcina bethandana no Brown. UBrown azise nabazali bakhe ngoSbahle, ekhombisa okukhulu ukuzimisela ngalentokazi.

MakaSbongile: Awupheke Sbahle (ulele uyagula).

Sbahle: Kulungile mama (apheke aphake).

Sbongile: (Uyadla ) Mmm kwamnandi ukudla kwakho.

Sbahle: (ahleke ) Ngyabonga sisi. (ehambisa ukudla kumama kaSbongile.) Nakhu mama.

MakaSbongile: Beka lapho (uvale).

Sbongile: Eyi, ungakuzwa kwehla esiphundu (ahambe).

MakaSbongile: (Enxapha ebheka le) Mxm suka.

(Sekuntambama uBrown uhleli nabangane bakhe ngasestolo.)

Brown: uSbahle akaze eze ngala namhlanje?

Sipho: Ayi bafo asimubonanga.

Brown: Yazi uSbahle wangitshela ukuthi kubo akahleli kahle. Manje ngifuna ukwenza izinto zisheshe, ngimthathe ahlale nami.

Sizwe: Awu, waphuthuma kangaka!

Brown: Ayi ukuthi ingiphatha ka bi lendaba ayinginiki ukuthula. Umama nobaba sengibazisile, bathe ayikho inkinga makumuntu engizimisele ngaye.

Sizwe: Uwena umuntu.

Sipho: Hee ayi (ehleka uSizwe) Wawuthini kuSbahle uBrown esamushela?

Brown: (ehleka kancane) Awumbuze.

(Sekuhlwile umakaSbongile athi uSbahle akowasha izitsha. USbahle akwenze alale sekulele wonke umuntu.)

MakaSbongile: (abenephupho. Kufika ubaba kaSbahle) Sengikhathele ukubekezelelana nawe uhlupha ingane. Yakwenzani? Uyiphathisa okwenja manje sekusekugcineni lwempilo yakho akukho okungenamvuzo. (Aphaphame athi uyamemeza kungamemezeki kwaba ukuthula kwakhe.

(Eseshonile lomama uSbahle akaphindanga wahlukumezeka. Base bezihlalele nobabekazi wabo engekho ohlukumezekayo. Ekuhambeni kwesikhathi uBrown wakhokha kaSbahle waqeda wamshada sebeziphilela kahle)

Sbahle: Ngiyabonga sithadwa sami.

Brown: Konke kufeziwe sthandwa.