Emhlabeni kukhona izinhlobonhlobo zezipho. Esingavumelana ngakho ngukuthi uma umuntu ekupha isipho usuke ekufisela okuhle kodwa. Usuke ekujabulela ngenhliziyo emhlophe.

Kukhona izipho ezinikwa umuntu okhulelwe. Abangani abasondele naye umuntu okhulelwe bayahlangana bemenzele umcimbi. Ngesilungu bathi i-baby shower. Abangani abasondelene nalona osuke ezithwele bafika nezipho ezinhlobonhlobo. Basuke bephathele umntwana ozozalwa izinto ezihlukene. Kuthi ngisho esezelwe umntwana aphinde athole ezinye izipho. Ngesizulu basuke bethi uyakhungwa. Usuke ungakhipha imali uma ungasiphethe isipho. Lokho usuke ukwenzela ukuthi umntwana akuthande angakuxwayi.

Bese kuba khona izipho ezitholakala uma kunomcimbi. Lezi zipho abanye bazibiza ngokuthi isipheko. Usuke uphekisa lona osuke enze umcimbi ngokuthi nawe ufake isandla. Usuke ungaletha ngisho ilayisi, amazambane noma amadumbe. Abanye abayi ngisho emcimbini bemenyiwe ngoba besaba ihlazo ngoba basuke bengenaso isipheko. Basuke besaba amehlo abantu. Abanye bafika nezinyembezi zika-queen kanye namakesi kabhiya. Abanye bakhetha ukuletha imali uma bengasitholanga isikhathi sokuyocoshacosha emakethe.

Kukhona izipho ezitholakala uma umuntu kungusuku lwakhe lokuzalwa. Ngalolu suku kusuke kubungazwa iminyaka umuntu asuke eyiphilile. Abanye benza amadili amakhulu. Kufike abantu ukudla kube iziduli zabasali. Abantu uma beza kulomcimbi baphatha izipho ukuze bajabulise lona osuke ezalwa. Abanye uma bezalwa abafuni ukwenza amadili amakhulu. Babona lokho kungukumosha imali. Ngakho bazithengela ikhekhe elincane bazidlele nemindeni yabo. Ngisho umuntu engawenzanga umcimbi. Kubalulekile ukuthi nimuphe okuthize uma ezalwa. Lokho kutshengisa uthando nokumkhathalela.

Bese kuba izipho ezisuke ziqondiswe kwabashadayo. Phela uma uya emshadweni awukwazi ukuhamba ushaya ngezandla. Kumele uthengele abashadayo isipho. Ungabhala incwadi uyifake phakathi. Ungabhala konke okuhle obafisela khona emshadweni wabo. Phela umendo kukamfazi ongemama! Kubalulekile ukuthi uthi ugqoke uconsa uya emshadeni uphathe phela nesipho. Ungabe usuphambana nehlombe.

Kukhona izipho eziphathiswa abakhongi uma sebephindela emuva. Lokhu kwenzeka ngosuku lwamalobolo. Phela abakwamkhwenyana basuke bezocela isihlobo esihle. Uma sebephindela emuva baphindela nezipho ezisuka kubo kamakoti. Kungaba amapulethi, izindishi, izimfaduko kanye namathawula.

Ukumbathisa abasemzini nakho kunguhlobo lwesipho. Umakoti usuke embathisa abasemzini wakhe. Kusuke kumele acele uhla lwabantu okumele abambathise. Kujwayeleke ukuba kube izingubo zokulala. Bese uma begqokiswa kube amaphinifa kanye namaduku. Umakoti usuke ezitubuzela kwabasemzini phela ukuthi bemthande. Ukuze uma begqoka izinto ezathengwa nguye bathi, ‘Njalo leli phinifa lathengwa ngumasibanibani’.

Ukwenza ilata nakho kunguhlobo lwesipho. Usuke uqamba igama ingane eyadlula emhlabeni noma eyaphuphuma. Phela uma ingaqanjiwe igama kuba inkinga. Igcina isiphenduke ifu elimnyama ekhaya isichoboza kwasani. Uthola abantwana laba abaphilayo sebehlala ngomkhuhlane. Uthi uma uya esangomeni kuthiwe kunengane eyadlulayo emhlabeni edinga ilata. Uma kwenziwa ilata lokuqamba ingane kuthengwa izingubo zengane elingana nayo lena eyashona. Kuthwengwe oswidi namashibusi nabanye oncamunce. Lezi zipho zisuke ziqonde kulona owadlula emhlabeni. Abaphilayo basuke bezicelela intethelelo ngokungamnaki.

Ukwenzela umufi isihlangu, isidwaba noma ibhayi nakho kuyisipho. Ngoba nisuke nimunikeza angenakho. Phela uma umuntu engenzelilwe isihlangu ufika kabi ekhaya. Ufika eyimpethu. Isihlangu yilapho umufi wesilisa esuke enikwa khona izinduku zakhe ukuze angadlali amavaka lapho ekhona, naye akwazi ukuzivikela. Isidwaba senzelwa umuntu owafa eseshadile, umama womuzi wakhe. Phela uma ushona usushadile kunenkolelo ethi uya lapho wendele khona. Ngakho ukwenzela umama isidwaba usuke umhloniphisa. Phela umakoti akangeni emzini engabhincile. Ibhayi lenzelwa owesifazane owashona engakashadi. Yena usuke ezoya kwabakubo. Ngakho ibhayi usuke ezolibhinca uma ehleli. Phela ikwabo lana akadingi ukufaka isidwaba.

Bese kuba isipho esenziwa uma unikelela okubi. Abantu abathwele kuhlale kuhlale kudingeke ukuthi benze umhlabelo. Kusuke kudingeka ukuthi bachithe igazi. Lelo gazi kungaba umuntu womndeni noma umzali wakhe ngisho ingane yakhe imbala. Lesi kusuke kuyisipho esinikwa umkhunkuli ukuthi akucelele ezilwaneni zakhe umcebo. Umuntu uthi angahlaba, ingene ngamabhakede imali.

Kukhona isipho esiyimvela kancane. Isipho leso esivela kumdali. Ingane uma ifika emhlabeni ifika ifumbethe. Leyonto osuke uyifumbethe kusuke kuyisipho sayo esivela kuNkulunkulu. Kusuke kungubizo lwakho. Leyonto usuke uzoziphilisa ngayo emhlabeni. Njengoba ubona kugcwele ababhali, izimbongi kanye nabaculi. Bafika bewafumbethe amakhono abo emhlabeni. Akekho ongakuthathela ikhono lakho owafika nalo. Ngisho kungaba nzima kudingeka usilwele isipho sakho.

Kukhona izipho ezitholakala umuntu uma ewinile. Usuke eklonyeliswa ngemsebenzi yakhe emihle. Kokunye uthola lesi sipho uma kukade kungumncintiswano. Bese uklonyeliswa ngokuthile. Lona osuke ebashaye amakhanda bese ethola isipho. Kungaba indondo ehambisana nokunye.
Kukhona izipho ezinikwa umufi. Ngomngcwabo abantu bayafika bezomumbathisa. Bafika nezingubo zokulala, izicamelo kanye necansi. Lezi zipho basuke bekholelwa ngukuthi umufi uzozidinga endleleni yakhe. Uma egodola usuke ezokhipha ingubo ambathe. Uma ekhathala aphubuze icansi andlale. Uma eduka ebumnyameni alayithe amakhandlela akhanyise. Kusuke kuyisipho sika mufi sokugcina sasemhlabeni.

Kukhona izipho ezinikwa umuntu uma enze kahle. Uma ingane iphase kahle esikoleni ubona isalukazi sigijima egcekeni sijaha inkukhu. Ihlatshwe inkukhu kufakwe amadombolo kudliwe. Noma ingane bayinike inkukhu kuthiwe ayiyifuye. Izinkukhu zigcina sezigcwele igceke phela. Uma ingane ithweshwa iziqu iyanikwa izipho nalapho isuke ibongwa ngemisebenzi yayo emihle eyenzile.

Kukhona isipho esibaluleke kakhulu – uma ingane ikhuliswa noma yemula. Noma yenzelwa umhlonyane. Isuke ibongwa ukuthi iziqoqile yaziphatha kahle. Bese beyipha isipho. Basuke beyikhulisa bethi izinyanya aziyange ngoba isingagana noma kunini. Lomcimbi usuke wenzelwe lona omulayo, kusuke kufanele afake umhlwehlwe. Uma umhlwehlwe uqathaka kusuke kusho ukuthi inkomo kamama ayisekho.

Ngingabala ngithini na? Ziningi izipho ezikhona ngaphansi komthunzi welanga futhi zisho izinto ezingafani. Kodwa zonke izipho ezikhona, ngaphandle kwalezi zokuthwala, zisuke zisho okuhle kodwa.

***