Ngangingazi ukuthi impilo izophenduka ibe njena. Usuku engingasoze ngalukhohlwa, usuku owangithathela injabulo yami.
Kwala ngikuncenga ngithi ungayenzi lento oyenzayo kodwa waphikelela wangithathela injabulo yami. Ukwenza kwakho kushabalalise ukuthemba kwami umuntu wesilisa. Ukwenza kwakho kushabalalise ukuthemba kwami abantu.
Wazenza uNkulunkulu kimi ngicela ukuthi ungangibulali ngibe ngazi kahle ukuthi angidalwanga nguwe. Namuhla ngisaba ngisho ukuphuma endlini uma kumnyama ngenxa yokwesaba ukuthi ungaqhamuka ungibambe futhi. Namuhla ngisaba ngisho isithunzi sami uma singilandela ngoba ngivele ngicabange wena sela lenjabulo yami. Ngizithola ngingedwa ngenxa yakho. Kusemhlabeni lana sonke siyawenza amaphutha kodwa lokhu owakwenza kwakungelona iphutha.
Wooo ngiyazisa ukuthi engabe uma ungibona kuthini kuwe? Yebo sekwadlula kodwa kimi akudluli. Icala lakho usuyolithetha phambili kuMdali.

***