Kwasukasukela kwakukhona inyoni enkulu yasendle eyayingeve iyiqili futhi injalo nje iyivila . kwathi ngenye imini yabiza umuhlangano wezinyoni zonke zasendle. nebala zafika izinyoni waqala umuhlangano ezazihlangene ngawo yabe isibeka udaba inyole yeqili. yatshela ezinye izinyoni ukuthi kuzofika izikhukhula ezizobhubhisa lonke ihlathi ezakhe kulo khona lapha endle. Ooh! zathuka izinyoni zatatazela ziya le nalena zingazi ukuthi zingashona kuphi .zasizana zithutha izingane zazo zifuna enye indawo ezingabalekela kuyo .zaqoqa imindeni yazo zahamba zonke ngokukhulu ukuphuthuma .lasala iqili lathatha zonke izonto ezazishiwe izinyoni ezazibaleka .yathatha izidleke,ukudla kanye nezithelo yajabula kakhulu yahlelela phezulu ngoba phela icebo layo laliphumelele.yasala yodwa ehlathini yazibusisa isikhathi eside kwathi ngenyimini kwafika imvula enkulu eyayinezikhukhula. Lana kakhulu kwamata izidleke kwakhukhuleka izithelo kwamuka konke eziyokudla.yasala dengwane inyoni enkulu yasendle eyayiqiliza kwaphela bonke ubuqili.kwaba nendlala kungasekho lutho yazisola kakhulu ngokuhlakaniphela ezinye izinyoni yasala nendla enasenandawo yokulala igodola yonda kungasekho oyibonayo ozoyisisa cosicosi yaphela

***