Iphutha yinto eyenziwa wuwo wonke umuntu ophilayo emhlabeni, futhi akekho umuntu ongakutshela ukuthi yena akalenzi iphutha. UTeklo usudlule kwama ningi amaphutha empilweni, futhi namanje usawenza ngoba impilo, iyimpilo ngama phutha. Iphutha yinto omunye nomunye umuntu okumele afunde kulo impilo, ngoba ekuzalweni kwethu sazalwa singazi ukuthi impilo iyini. So, ungasabi ukwenza ama phutha empilweni, kodwa saba ukwenza izinto ezizokwenza abanye abantu ukuthi bahlukumezeke.

Impilo imnandi futhi iyahlekisa ngoba ama phutha akho ewodwa akwakazi ukuthi akuchazele ngempilo iyonke. Kuze wazi ukuthi impilo iyini kufanele ufunde emaphutheni wakho nakowabanye abantu, kanti futhi uma uzosaba ukwenza amaphutha, uthembele ukufunda emaphutheni wabanye abantu; awuzoyazi impilo ukuthi iyini. Ungazi funeli ukwenza ama phutha, ngoba iphutha akusiyinto ozikhethela ukuyenza kepha yinto ezenzakalelayo. Anyekhe sathi wenze iphutha ngokuthi ubuyelele ukwenza into owake wayenza ngaphambilini.

Iphutha akusiyinto ebuyelelwayo kodwa iphutha yinto oyenza kanye, bese ube uthole isifundo kulo. Ungabozisola isikhathi eside ngama phutha owenzile, ngoba uTeklo kufanele akhohlwe yizinto ezingazomusa ndawo. Funda ema phutheni akho uphinde usukume uchubeke ngohambo lwe mpilo yakho. Impilo yakho idinga wena ukuthi ucabange ngayo, ngaphambu kokuthi ichubekele phambili, ngoba ukuhlala, ucabangana nama phutha, kwenza uTeklo ukuthi agide skhundlasinye.

Impumelelo ka Teklo izoza ngokuthi uTeklo acale ngokwazi ukuthi uphilelani. Iciniso lona lithi anyekhe uTeklo azithola ukuthi uphilelani uma ezosaba ukwenza ama phutha, ngoba ukungafuni ukwenza ama phutha kusho ukuthi uTeklo ayikho into azozama ukuyenza empilweni yakhe. Impumelelo ayizi ngoba bathi umuntu wenza izinto zakhe kahle ngaphandle kwama phutha, kepha iza ngokuthi uTeklo engekahlali phansi. So, okubalulekile wukuthi kufanele uhlale uyiphendla indlela yakho, sengisho noma ungazi ukuthi ufunani okanye ungazi ukuthi wenzani.

Okwenzayo yikho okuzodala impumelelo yakho, ngoba iphutha ozolenza yilona elizok’tshela ukuthi wena ungubani, nokuthi uphilelani. Iphutha liyisipho onkanye izwi lika mdali elize ukuzotshela thina okufanele sikwazi ngathi. So, anyekhe umuntu azazi ukuthi uphilelani engazankhe abe namaphutha empilweni, ngoba iphutha yimpilo yomunye nomunye umuntu ophilayo. Iphutha aliweli esonweni, futhi kuhle ukuthi ukhohlwe wukuthi ubani uzothini ngama phutha akho, ngoba naye loyo ozothini unawo owakhe ama phutha.

Sukuma uzichenye, futhi uzithembe ngaso sonke isikhathi. Zinikeze uthando omunye umuntu onyekhe akwazi ukuk’nikeza lona, bese futhi unikeze bonke abantu uthando ozinikeze lona nawe. Ngoba amandla wempumelelo yakho alele ekuthandeni abantu, ungalenzi iphutha lokuzonda umuntu, futhi ungamunyazi omunye umuntu. Impumelelo izimisele ngokubizwa ngokuthi ingeyakho uma nawe uzimisele ukufunda emaphutheni ka Teklo nako wakho.

Noma ngabe kunzima kangakanani empilweni, bambelela ekwenzeni izinto ngendlela okuyiyo. Ungalahli itawula ngoba bethi β€˜wena usunama phutha adluleleyo kunowabanye’ ngoba futhi ukuba nama phutha adluleleyo kusho ukuthi nempumelelo yakho izok’dlulela. Lala wazi ukuthi kunezinto ozifundile, futhi nokuthi uzofundisa abanye ngalokho wena osukufundile kuze uzakhele indawo enobumbano oluhle. Ukuba nobumbano oluhle nabantu kuhle, ngoba ngelinye ilanga uzokokodelwa wumsebenzi owufunayo okanye isipho sento ofisa ukuba nayo kepha ongazi ukuthi ungayithola kanjani.

IBusiness nalo liba lihle uma ulicala usunobumbano oluhle nabanye abantu, kepha lokho akusho ukuthi uma ungenalo ubumbano asoze walicala. Ukungabi nabantu obumbene nabo kuyiphutha, kodwa iphutha alivimbi izinto ukuthi zingenzeki, ngoba ngaso sonke isikhathi uma uceda ukuzithola ukuthi bowenza iphutha; ucala ukwenza izinto kahle. Iphutha lakho uma lingazankhe likubulale kusho ukuthi impilo nayo ngokwayo isese nethemba phezu kwempilo yakho. So, ungalilahli ithemba ngawe ekubeni impilo ngokwayo nayo ingekalilahli ithemba ngawe.

Izwe kuze libe yizwe lenkululeko lidinga wena ukuthi usukume ulilungise, ngokuthi uziphe isikhathi sokufundisa ngalokho okholelwa ukuthi kungenza umehluko empilweni yomunye umuntu. Ungavilaphi uma ungumuntu, futhi ungabi nama hloni, hlala ukulungele ukwenza noma ngabe yini ezokuphumelelisa empilweni. Umhlaba awusungowabantu abavilaphayo, ngoba ukuvilapha kwakuyiphutha ngalesa skhathi ungekacali ukwazi ukuthi ukuvilapha kuyiphutha, kepha sukela manje sekuyoba yisenzo sangama bomu ngoba usuyazi ngephutha. Iphutha alihlelwa, alibizwa futhi alenziwa, kepha liyazenzakalela ngaleso s’khathi ungekacali ukwazi ngalo.

***