UTarito uzumekile ngenxa yokuba ulale ngo 3:50 a.m. Ubeloku eku Facebook ubusuku bonke.

“Sengiyahamba, Tarito. Usuza sala ubhekelela lay’khaya,” kusho uMama wakhe engaphandle komnyango wekamero lika Tarito.

“Iye Mma, ngizobheka mahlangothi wonke. Akunamgunda tshani ozongena la ngikhona mina,”

“Good my son,”

Bazijabulele bobabili.

“Kulingile Mma, usungaze uladelwe emsebenzini siloko sikhuluma. Uhambe kahle Mma.”

“Hawu! Usungiqosha ngemitayela? Kodwa-ke ucin’sile, isikhathi asilindi muntu, kanti nalama tekisi asheshe aphele,” kusho uMama ka Tarito ephuma endlini eya emsebenzini.

Bahlala bobabili beno Nina. UTarito usala ezimbosa ngengubo, adonse ubuthongo obukhulu. Sihambe isikhathi kuze kube sentambama. UMama kaTarito usubuya emsebenzini, umangele uthola umnyango uvuliwe kepha izibani azikakhanyiswa.

“Kungabe UTarito ukhona la?” Usho ezibuza ngomcabango. Beselishonile ilanga uMma ka Tarito uma esebuya ekhaya. “TARITO! TARITO!” kumemeza uMama ka Tarito engena ebumnyameni bendlu. Uzama ukukhanyisa, kepha akukhanyi. “Kuyacaca ukuba ugesi uphelile,” kusho uMama ka Tarito ezikhulumela ngengqondo.

“Hli…” Athukwe kwangathi kumi isipoki phambi kwakhe. Ubona igazi ligcwele usofa, kanti elinye lenze umzila phansi kwangathi ukhona umuntu odoswe elimele.

Usuyahlengezela, akazi athathe ini ayihlanganise nani. Usuyaphuthuma ulandela lomzila wegazi. Uphuma egumbini lokuphekela, uya kwelika Tarito lokulala. Ufixa iphephanyana elincane phansi komnyango ngaphakathi kwe kamura lika Tarito.

UFunda leli phepha, libhalwe ukuthi: UNGASHESHI UKUTHUKA NGOBA INGANE YAKHO ISAPHEPHILE!

Akhokhe umoya, abhekisise kahle ukuthi kubhalweni ngenzasi. Uthola ukuthi lephepha ngelalo bhuti odayisa izingubo – ukoloda lobhuti imali engango R6 524 ayiboleka kuye leskhathi evelelwe yisifo. Kwaku shone uBabakwakhe ongu Baba ka Tarito. Washona ngengozi yemoto kuloya mnyaka odlule.

“Nkosi sikelela,” kukhala i-phone. Alubambe ucingo.

“Hello,” kubulisa umaka Tarito,”

Kubukeka kwangathi kunenkinga.

“Hello! Ngingakusiza?” Kunomtu okhulumayo, kepha ukhuluma ngathi uyakhanywa.

UMmaka Tarito akamuzwa kahle lomuntu okhuluma ocingweni. Kepha mekungu Tarito okhulumayo. Le nombolo afonela ngayo uMama wakhe akuyona eyakhe. Luvalwe ucingo bengekacedi ukukhuluma. UMama kaTarito aye emaphoyiseni.

Uthola mzila omude wabantu. Ufika uma ekugqineni kwabo. Esamile kwaba nokulwa kwama phoyisa. Kwenzeka ukuba baya dubulana. UMama ka Tarito naye wadubuleka ngephutha lama phoyisa.

“Tarito! Tarito! Vuka, usalele ngalesikhathi,” kusho uMmaka Tarito ehleka.

“M… Mma! Nguwe?” kubuza UTarito emangele, phela meka phupha.