Inhliziyo emzimbeni wakho iyisitho somzimba ongekhe wakwazi ukuphila ngaphandle kwaso. Inhliziyo ilawula yonke imihlobo yemizwa yomzimba.

Awusoze wakwazi ukuyanelisa inhliziyo, ikakhulukazi uma kuwukuthi uphilela ukwanelisa yona. Ayikwazi ukuhlala sikhundla sinye kepha injengento nje edengezelayo.

Iyaphambili iphinde ibuyele emuva, ayizazi ukuba ifunani. Uma ungaphika nayo ungazithola wenza izinto ezilungileyo kanye nezingalungi ngesikhathi esinye.

So, kulomhlaba ngivame ukuzwa abanye abantu bethi bona banezinhliziyo ezincane, ayi ngoba ziz’ncane kepha kungoba inhliziyo ingenayo into ebizwa ngokubekezela.

Into engabekezeli kushukuthi nothando ayinalo, okanye inzondo kepha inento ekuthiwa wukunyanya kanye-nje nokuzikhukhumeza. Konke-ke okuzikhukhumezayo akukwazi ukuphilisana nohlobo lonke lwabantu.

Inhliziyo iyakwazi ukuthi ivele inyanye wonke umuntu ocala nokumbona. So, lokho kushukuthi inhliziyo iyingozi emuntwini ongenayo incondo noma ongakwazi ukuyisebenzisa.

Umsebenzi wencondo wukulawula inhliziyo ayi ukuthi inhliziyo kube yiyo elawula incondo, ngoba inhliziyo kunokuthi ilungise lapho okumoshakele khona iyathwelelisa.

Ngenhliziyo ungazitshela ukuthi ufuna ukuceda indlala kanti ekubeni uzifaka enkingeni yobugebengu. Inhliziyo inokwenza kwangathi inozwelo kwabanye abantu kanti ekubeni ifuna ukuzanelisa yona-nje kuphela.

Asoze sathi kurongo ukuba sidle okanye ukuba siphuze besibheme, kodwa konke lokho uma uzokwenza ngokwe mithethonyana yenhliziyo kuyobe sekucala lapho ukuba kube rongo.

Esikhathini esiningi inhliziyo ayikwenzisi izinto ngoba uzithanda kepha ikwenzisela ukuba uhlale ungenak’thula empilweni yakho ngoba inhliziyo ithokoza uma kunento ohlezi ubalabala ngayo.

Lapho okumele ubonge khona inhliziyo ikwenza ube nento ozoyi gxeka, bese lapho okumele uzonde khona ikunike injabulo kube ngathi yikhona lokho okuthandayo.

Inhliziyo ngumkhohlisi ayihlukanga kuno sathane ngoba phela usathane uma bemuchaza bathi unawo wonke amaphimbo akhona ukwenza uNkulunkulu ukuba azizwe kahle. Konke lokho kuyilokho okwenziwa yinhliziyo.

Usathane akazanke aneliseka ngaleskhathi esezulwini kanti lokho yilokho okwenziwa zinhliziyo zethu emizimbeni yethu. Kufanele wazi ukuthi ulimele uma kuwukuthi uphilela ukwanelisa imizwa.

Yebo kwesinye isikhathi imizwa ilungile ngoba phela besho bethi no sathane uyakwazi ukuzenza olungile kepha ekubeni emumbi. Kufanele uhlale unalento ebizwa nge self-control.

Ukuba ne self-control kusho ukuba ungalawulwa yimizwa. Nakuba inhliziyo ikuzwisa lonke uhlobo lwemizwa ayikwazi ukuba ikulawule. Yincondo kuphela ekwazi ukukwenzisa.

Anyekhe sibekhona isidingo sokuthi usole imizwa yakho ngoba imizwa ayizanke yakwenzisa futhi ayisoze yakwenzisa kuphela uma ungazifundisa ukuyiziba imizwa yakho.

Yonke into ofuna ukuyekela, okufana bokubhema okanye ukuganga kanye nokhunye nje okuningi. Yazi ukuba asoze wakwazi ukuzekela lezo zinto ungekacali ngokuziba imizwa ekwenza ukuthi uzenze lezo zinto.

Kunzima-ke ukweziba imizwa kepha kuzofanele ubekezele ngoba ngiyo kuphela indlela yokwe gwema inkohlakalo evela ngokwenhliziyo. Inhliziyo ingeyakho ukuba uyisebenzise ayi ukuthi yona isebenzise wena.

Angisho ukuba ungabi nemizwa, wonke umuntu unayo imizwa kepha ngisho kuba ungavumeli imizwa erongo ikukhuphe emcopheni wempilo okumele uyiphile.

Ungavumeli ukuba imizwa erongo ikumoshele isikhathi. Iskhathi salahleka silahlekile asoze usakwazi ukusibuyisela emuva. So, cala namhlanje ukwenza izinto ezilungileyo empilweni.

Ungaziyekeleli, ungaphileli ukwanelisa imizwa. Phakama noma imizwa yakho ingavumi ngoba ngokuphika nemizwa asoze wazenza izinto okufanele ngabe uyazenza.

Kuhle ukuba uzanelise wena kuno kuba wanelise inhliziyo. Cabanga ufuthi uzibuze kuba ufunani empilweni ngaphandle kokwenziswa yinhliziyo. Inhliziyo ingakwenza ulahlekelane namaphupho wakho.

Bonke abazinikele ezidakamizweni kunge nca yenhliziyo. Bonke esebaphenduke ababulali bomhlaba kunge nxa yenhliziyo. Inhliziyo yimbi ibolile. Ayikho into ehle ongayikhuluma ungakacali wacabanga k’cala.
***
Tell us: Inhliziyo ungayichaza uthi ibaluleke kanjani?