Uma ufuna ukuphumelela empilweni, thatha ubuwena bakho njengempilo. Ungazibambezeli empilweni ngokuthi ulandelele uhlangothi olulodwa lwempilo. Isibonelo sokuqala nje singathi zijwayeze nabantu okufanele ngabe uphila nabo. Abantu othola ukuthi nabo bangabantu abafisa ukuzibona bephumelela empilweni.

Impilo ithathe njenge lokishi lakho ophila kulo. Cabanga ngelokishi lakho, uzibuze ukuthi iziphi izinto ozibona ziyizinkinga. Emuva kwalokho ucabange futhi ukuthi lezo zinkinga ungazixazulula kanjani.

Ayikho into engakuvimba empilweni uma usuzifundise ukusizana nabanye abantu. Umuntu usiza umuntu omsizayo. Isibonelo kungaba ukuthi uNunu uthenga into ayidingayo kuNana. UNana yena udinga lento uNunu athenga ngayo. Lokho sikubiza ngokuthi uNunu beno Nana basizene, okusho ukuthi bayaphila.

Impilo iyinto ecishe ifane nesilwane esikhulu othola ukuthi wena uyasisaba ngoba usibona siyingozi enkulu. Ngifuna ukuthi uzifundise ukubhekana nazo zonke izinkinga zomhlaba ngoba impilo akubi impilo ngaphandle kwalezi zinkinga. Manje ngithi ungabi yilabo bantu abathi uma behlangana nezinkinga empilweni bafune ukuzibalekela. Ngithi wena bhekana nenkinga yakho, ungafuni ukubalekela inkinga yakho uyenze inkinga yabanye abantu.

Impumelelo yakho ilele ekutheni uyisebenzele. Ungabheki emuva ngisho noma kungaba buhlungu kangakanani phambili. Awukadalelwa ukuhlupheka noma kungabe wazalwa uhlupheka. Ngithi phuma enhluphekweni. Mina kusukela manje angisabheki emuva. Angisasichithi isikhathi sami ngezinto ezingenayo inzuzo engiyifunayo.

La emhlabeni ziningi izindlela zokuphila, kodwa wena kufanele uqale ngokukhetha indlela eyodwa emuva kwalokho usebenze kanzima ngaphambi kokuba udlulele phambili. Kufanele uzazi ukuthi njengamanje ufunani, nokuthi uzoyithola kanjani leyonto oyifunayo.

Ungafani nabanye abantu abavilaphela ikusasa labo. Kufanele usebenze ngokuzithemba, ungabi umuntu ogxeka imicabango yakhe ngoba emicabangweni yakho yilapho okufanele kuvele khona impumelelo yakho. Akufanele uphile ngokuthi abanye abantu bakutshele ukuthi kufanele uphile kanjani.

Zonke izinqumo zempilo zilungile kodwa uma kuwukuthi azihlukumezi muntu futhi nawe azikuzungezisi ndawonye. Impumelelo iyinto esiyifunayo sonke singabantu. Ngithi kuwena uyilwe impi yakho, ubhekane nezinkinga zakho. Futhi uma unawo amandla ubasize nabanye abantu baxazulule ezabo izinkinga ukuze nabo bakwazi ukuphumelela.

Yekela ukuthandaza ngomlomo kuphela. Thandaza nangazo izenzo ngoba uNkulunkulu akaphumelelisi izinto ezikhulunywa ngomlomo kuphela zingenziwa. Inkinga eyenza singaphumeleli singabantu ukuthi sicabanga ukuthi uma sitshela uNkulunkulu izinkinga zethu kuba sekwanele. Kanti cha, into ebalulekile ukuthi thina sizenze lezo zinto kuze zifezeke.

***