UThandeka intombazane eneminyaka eyishumi nanhlanu ehlala nomama wayo. Ubaba kaThandeka wadlula emhlabeni emuva kokuhlaselwa iphika. Bahlala endaweni yasoLundi, esgodini sakwa Sbunjana. UThandeka ufunda ibanga lesithupha esikoleni iMaqhingendoda High School. Umama wakhe usebenza khona esikoleni laphu kufunda khona uThandeka, ushanela amakilasi abuye acoshe namaphepha ebaleni lesikole.

Umama kaThandeka uphila ngokukhubazeka ngoba akanawo umlenze wakwesokunxele, unomlenze wokufakelwa. UThandeka uyazenyeza ngomama wakhe ngoba ubona ukuthi abangani bakhe bazomuhleka ngoba umama wakhe akanawo umlenze. Ngalokho akavumi ukuthi umama wakhe, umane amphike.

“Lalela lapha, Mama. Ngicela ungezi kimi esikoleni futhi ungalinge utshele izingane ukuthi ungumama wami,” kwakusho uThandeka ethethisa umama wakhe.

Umama kaThandeka ukhala njalo, aguqe phansi athandaze.

“Mdali, ngicela ungisize ngendodakazi yami ezinyeza ngami. Ngeke ngikwazi ukuyeka umsebenzi ngoba yiwo onginika imali!” usho esula izinyembezi umama kaThandeka.

Akulula ukuba afune omunye umsebenzi ngoba iyimvela kancane imisebenzi. Kwawona lona awusebenzayo wawuthola ngokwazana nothisha ofundisa esikoleni. Umama kaThandeka uyaqinisekisa ukuthi uThandeka ulala edlile, futhi nasesikoleni uya edlile amunikeze nemali yokuthenga esikoleni. Uyaqinisekisa nokuthi umnikeza lonke uthando lomzali ukuze kuvaleke isikhala sikababa wakhe ongasekho.

Kodwa uThandeka akamamukeli ngisho kunjalo umama wakhe. Akafuni nokuthi othisha bazi ukuthi umama wakhe lona. UThandeka wake wavakashela uthisha uMtshali, okunguyena owayazi ukuthi ngumama wakhe lona, wamncenga ukuba angazisi umuntu ukuthi umama wakhe ngoba izingane zizomhleka kanti futhi nabangani bakhe bazohlukana naye bamzonde. UMtshali wazama ukubonisa uThandeka kepha kwanhlanga zimuka nomoya. UThandeka wayesho ukumudla ngamazinyo uMtshali, engafuni nakuyizwa nje eyokuthi kumele angazinyezi ngomama wakhe.

Kuthi langa limbe, kuwusuku lokuswenka esikoleni, umama kaThandeka akhohlwe ukunikeza uThandeka imali yokukhokha. Uqonda nqo ekilasini lapho kufunda khona uThandeka.

“Ngicela uThandeka. Ngikhohliwe ukumnika imali,” kusho umama kaThandeka.

Uthi eqala ekubiza uThandeka uthisha, kubonakale isukuma ithukuthele igane unwabu intokazi, iphumela emnyango nomama wayo. Uyamamatheka umama kaThandeka ngoba uzonika indodakazi yakhe imali.

“Thandeka, mntanami, ngikhohlwe ukukunikeza imali ekuseni yokukhokha. Manje ngibone kuncono ngikulethele ukuze nawe ukwazi ukukhokha,” kusho umama kaThandeka ngenjabulo.

UThandeka uhlwitha imali, angabongi, maqede angene ekilasini ahlale phansi. Umane aphoxeke umama kaThandeka ngendodakazi yakhe inesihluku kangaka noma yena eyithanda kakhulu futhi kuyiyo yodwa. Kodwa uyabekezela, ahambe eyokwenza umsebenzi wakhe, kuze kufike isikhathi sokuba ashayise abuyele ekhaya.

Ufika ekhaya ebhocobele enjalo, aphekele indodakazi yakhe ukuze ibuye idle. Emuva kwehora, nokudla sekulungile, kufika uThandeka usadiniwe. Ufika alahle isikhwama phezu kombhede wakhe, maqede abuke umama wakhe ezinhlamvini zamehlo.

“Umthetho wakho ungenelwe yini, Mama, ngoba ngasho kahle ngathi ungezi kimi esikoleni? Angifuni bazi ukuthi ungumama wami! Unanesibindi sokungena ekilasini lami uzongifuna? Ubufuna izingane zingihleke ngokuba nomama ononyawo olulodwa? Ungaphinde ungibize ngengane yakho mina uyanginyanyisa!” kumemeza uThandeka ngokucasuka.

Zimane zehle zilandelana izinyembezi kumama kaThandeka.

Ngakusasa akayi emsebenzini umama kaThandeka. Uhlala endlini akhale, athandaze. Abafundi abafuni lutho olubahlanganisa noThandeka ngoba bonke baphoxekile ngesenzo sakhe sokuphoxa umuntu omdala emupha imali.

“Uyazi wena Thandeka mina bengithi ungumngani oqotho owaziyo ukuthi umuntu omdala uyahlonishwa,” kusho uSkhulile, umngani kaThandeka. “Bengithi uyazi ukuthi abantu abakhubazekile akumele sibacwase kodwa wena ukwazi ukudelela umama wakho ngalendlela phambi kwabafundi naphambi kukathisha?”

UThandeka uyabakaza, akanayo impendulo.

“Hhayi, mina angeke ngikwazi ukuba umngani nawe,” kuqhubeka uSkhulile.

UThandeka uhlala yedwa usuku lonke edabukisa kuhle kwentandane. Abafundi bambukisa okwento engenamsebenzi.

“Kodwa sizophuma nini isikole ngihambe ngiyoxolisa kumama? Ngiyazisola!” kucabanga uThandeka.

Nembala sishaye isikhathi sokuphuma kwesikole. UThandeka uphuma ngejubane, ujahe ekufika ekhaya. Ufika kukhala ibhungezi endlini. Ufika egumbini lakhe lokulala afice umama wakhe ezilengisile maqondana nombhede. Umthinta umzimba athole ukuthi useyabanda, akusekho nokumphuthumisa esibhedlela. Phezu kwetafula kukhona incwadi. Uyivula ayifunde uThandeka.

“Mntanami ngifisa wazi ukuthi ngiyakuthanda ngenhliziyo yami yonke. Konke engangikwenza ingoba ngangifuna uhlezi ujabulile ngoba kwasekuqaleni kwakuyisifiso sami ukukubona ujabulile ngasosonke isikhathi. Emnyakeni eyisithupha edlule waba sengozini yemonto niphumile nesikole sakho waphuka umlenze. Kwaba khona amathambo aphukayo, ngaphoqeleka ukuthi ngikhiphe owami umlenze ukuze bakwazi ukuthola amathambo ayephukile emlenzeni wakho. Ngangisaba ukuthi izingane zizokuhleka esikoleni kanti isifiso sami kwakuwukuthi ufunde ube utho empilweni yakho. Amathambo ami afakwa kowakho umlenze mina ngase ngisala ngingenawo. Ukusebenza kwami esikoleni sakho kwakungesiyo inhloso yokukuhlekisa ngabangani bakho kepha ngangifuna ukuthi ungasokoli. Ngangizama ngayo yonke indlela ukukugcina ujabulile kodwa lokho kwabanga inzondo phakathi kwami nawe. Ngaphenduka isitha emehlweni akho. Ngiyaxolisa ngane yami. Ngikufisela impilo ende futhi enhle ekufundeni kwakho. Lokhu engikwenzile ngikwenze ngoba ngifuna ujabule ngaso sonke isikhathi ngingakuvimbeli indlela yakho. Usale kahle mntanami. Umama uyakuthanda.”

Kubuhlungu kuThandeka ukuzwa amagama amama wakhe. Uzisola kakhulu ethola nokuthi umlenze kamama wakhe awukho ngenxa yakhe. Ukhihla isililo kodwa akusekho ukucela uxolo ngoba akasekho.

***

Sitshele: Ucabangani ngelibalana?