Yonke into eyenzeka empilweni yengane inomthelela ekukhuleni kwayo. Ungathuka isimanga uma ungezwa ukuthi ingane ikwazi ukukhumbula izinto ezenzeka isencane kakhulu. Wena ungacabanga ukuthi isiyakhohlwa, kanti cha.

Uke ubone uma ingane yentombazane isakhula, idlala ngonodoli bezidwedwe? Ibeletha amahleza ngemichilo? Ubone isiyakhe isiphihli sikamasigcozi emnyango. Phela isuke ithi umuzi wayo lona ewakhile. Ubone seyibophe utshani, ithi ngumshanelo. Phela ithi ihlanza indlu futhi iqikelela ukuthi umuzi wayo usesimweni esikahle. Labo magangane ubabona sebentshontshe umentshisi, babasa umlilo. Bathathe ikopi likapholishi, bathi yibhodwe.

Ukukhulisa ingane yentombazane ngamathoyizi akhombisa ukuthi umuntu wesifazane kumele abe into ehlala endlini, ahlanze indlu futhi apheke kuphela awalungile. Mina ngibona kungcono izingane zidlale ngezincwadi. Phela ukufunda izincwadi kuzilolongela ikusasa lazo izingane. Uma zifunda ungabona sezigqoke okungamakwayikwayi amadala, zenze sengathi ziya emahhovisi ziyosebenza.

Mina ngibona kungcono ukuthi abazali bathenge amathoyizi azokwenza izingane zikwazi ukuzimela kusasa njengama-tablet kanye nama-laptop. Lapho ingane yentombazane ingakhula ngendlela ehlukile. Hhayi ukuthi icabange ukuthi uma isindala izozala izingane bese ihlala ekhaya.
Kanjalo nazo ezabafana. Lento yezingane zabafana ukuthi zidlale ngezimoto yinhle futhi iphinde ibe yimbi. Okuhle ngakho ngukuthi yenza ingane yomfana ilangazelele ukuba nemoto ngelinye ilanga – ngakho ke kuzomele isebenze kanzima ukuze ifike lapho. Lokho kuzoyigqugquzela ukuthi isebenze kanzima ukuze ibe wutho ngelinye ilanga. Okubi ngukuthi uma izingane zidlala ngezimoto zingenwa ngumqondo wamaginsa. Uzwe enye isithi, ‘Ngiyayintshontsha imoto yakho’. Lokho kutshala umqondo owushevu enganeni, ngoba izocabanga ukuthi uma ingaphumeleli ngendlela eqondile kuzomele intshontshele abantu ukuze ibe neyayo imoto.

Bese kuba ukudlala ngezibhamu. Isikhathi esiningi izingane zabafana ezithengelwa izibhamu. Mhlawumbe yingakho amadoda anamuhla ebabulala kangaka abantu besifazane. Izibhamu zamathoyisi zinomthelela omubi ezinganeni. Zikhula zazi ukuthi uma zicasukile azifake inhlamvu kubantu besifazane.

Mina ngibona kungcono izibhamu zidlale izingane zamantombazane manje. Lokho ngikusho ngoba izwe libi. Izingane nabantu besifazane bayafa kuhle kwezintuthwane. Uma izingane zamantombazane zingadlala ngezibhamu zingakhula zikwazi ukuzivikela ngazo lezo zibhamu. Zizokwazi ukulwa nabandlwenguli kanye notsotsi lana ngaphandle.

Omunye umdlalo omuhle ongadlalwa izingane zamantombazane i-tea party. Lawo mathoyizi kuba itafula elihamba nezihlalo, izinkomishi, amasoso kanye namathisipuni. Lokhu kubalulekile enganeni encane ngoba ifunda ukuxhumana nabanye abantu, ikhulume. Futhi lokho kukhulisa ubumbano phakathi kwembokodo. Lokhu kungatshala imbewu yokukhula njengomuntu wesifazane uma sebebadala. Bazokwazi ukuthi bangaba osomabhizinisi, odokotela, abameli, ababhali kanye neminye imisebenzi emihle ekhona phansi komthunzi welanga.

Ngakho bazali ngicela nibheke amathoyizi izingane zenu ezidlala ngawo. Ngiyazi ukuthi kukhona abadla imbuya ngothi kodwa nawe kukhona ongakwenza ukuthi ingane yakho ikhule ibe isakhamuzi esiphusile emphakathini. Yiba nezwi ngekusasa lengane yakho.

***