[Kusekuseni uMzet uhleli noZozo bayaxoxa.]
Mzet: (ememeza) Zandile!Zandile! Zozo mfwethu, ngathi akekho uZandile la ekhaya. Ngabe uyephi ngempela?
Zozo: Awu! Ekuseni kangaka, ngabe ubengalalanga endlini noma kambe khona okumehlele? Ake siqalaze kahle egumbini lakhe lokulala mfwethu.
(Basukume uMzet noZozo belibangise egumbini lapho uZandile elala khona)
Zozo: (engqongqoza) Zandile, yimina uZozo nomfwenu uMzet. Kuyaphuthuma vula.
(Kuthuleke kuthi nya endlini, uMzet aphuthume istulo sokugibela ukuze abone kahle ngefasitela)
Mzet: (Elunguza) Hawe! Zozo uZandile ukhona ngaphakathi. Ubukeka engathi uqulekile. (ekhala) Asephule umnyango simhlenge.
Zozo: (ememeza ethukile) Zandile!Zandile!
(Bawephule umnyango uMzet angene ngejubane endlini afike amnyakazise uZandile amemeze)
Mzet: Zandile, Zandile yimina uMzet vuka (ambeke isandla emqaleni ezwa kuthi ngabe usaphefumula yini). Usaphefumula, asishayele usizo oluphuthumayo.
Zozo: (eshayela i-ambulance) Hello, uZozo ngilapha ekhayelisha uZandile akavuki, ngise House no8 ngaseSpaza i-Khaya spaza shop.
Mr Mdunge: Kulungile siyeza khona manje (Aluvale ucingo uMdunge).
Mzet: Zozo asimtatamise simkhiphele emnyango ukuze ashaywe umoya, mhlawumbe angase aphaphame.
Zozo: Isu elihle lelo mfwethu mhlampe ne-ambulance ingafika asitshele khona uZandile.
(Iqhamuke i-ambulance ayisagijimi iyaviliyela uzwa ngomsindo we-siren)
Zozo: (ebahlangabeza) Wozani ngapha nangu lapha uZandile (ekhomba ngomunwe).
(Baphuthume abahlengikazi babheke kuZandile. Bavule inqola bamlalise kuyo uZandile bamxhume umshini yomoya)
Mzet: Ngabe uzolulama nje kodwa usisi wami? (ebuza engeneme)
Mhlengikazi: Ayi lokho sokwazisa ngokuhamba kwesikhathi. Manje futhi komele sihambe nawe ukuze azolulama.
Mzet: Kumele ngihambe ngoba angizukhululeka uma ngingamboni ikakhulu ngoba ekulesi simo nje.
(Kuvaleke izicabha i-ambulance ihambe ize iyosithela noMzet elokhu embuke njalo usisi wakhe)
Zozo: (ekhuluma yedwa) Ngabe kwenzekeni ngempela ngoZandile? Ngabe usebenzisa izidakamizwa noma vele kudaleni unokugula okumhlumphayo. Ayi akubukeki kanjalo neze.
(Angene endlini uZozo abheke okuphuzwayo aphume akhiye endlini ahambe)
Zozo: (kukhale umakhalekhukhwini) Hello! Hello!
Sandile: Yebo Zozo, manje kwenzakalani lapho kwaMzet. Ngizwa kuthiwa bekukhona i-ambulance ngezikhathi zasekuseni?
Zozo: (ngomoya ophansi) UZandile ubengavuki ekuseni, asazi kwenzenjani.
Sandile: (ethukile) Kanti kwenzenjani? Pho uMzet akasangazisi ngani?
Zozo: Ewu ngicabanga ukuthi ubenziwa yikho ukwethuka.
Sandile: Uphi yena uMzet?
Zozo: Uhambe noZandile ngayo i-mbulance leyo.
Sandile: Kukhona aseke wakwazisa khona?
Zozo: Cha, khona ngike ngazama ukumshayela ucingo kodwa lukhala lodwa.
[Kuses’bhedlela uMzet uhleli eduze kukaZandile umbambe ngesandla bayaxoxa.]
Zandile: Mzet ungubhuti wam ngempela, yazi lapha engifa khona nawe uyofa khona.
Mzet: Ngiyajabula nje ukuthi sewuze waphaphama. Ngempela kwenzekeni Zandile ungasavuki nje ek’seni. Ngabe uSandile uyakuhlukumeza?
Zandile: Cha akunjalo Mzet, empeleni nam angazi kwenzakaleni, kuvele kwabamnyama amehlo nje.
Mzet: (emangele) Kanti odokotela bona ababoni lutho bathini bona?
Zandile: Okwamanje akulutho abangenze khona, bangihlole igazi nje nomfutho wami.
(kuthi kusenjalo kungene uSandile)
Sandile: Sanibona Zandi nawe Mzet.
(bavume kanye kanye)
Zandile: S’thandwa sam, cishe wangizwa ngendaba kulomhlaba.
Sandile: Kodwa Zandile umangilahlekelwa uwe ngungaba yini nje? Phela wena uyithemba lami. (bahleke uMzet abashiye avalelise)
Sandile: Usuzizwa kanjani kodwa s’thandwa sami.
Zandile: (emoyizela) Hayi khona akukho lapho kubuhlungu khona, sesozwa ngabo odokotela ukuth ngiphuma nini.
Sandile: Hayi s’thandwa sam phola nje ngoba nesikhathi sama visitors siphelile.
(Avalelise uSandile uZandile asale elala)