Isobho limfudumeza ngokushesha uBathandwa. Uwuchazela yonke into umndeni wakhe.

“Gogo, akunamali emakhadini ngoba imali oyibolekile kumele uyikhokhe. Ubulokhu uqhubeka uboleka manje imali oyikhokhayo ingaphezulu kwemali oyiholayo.”

“Nkosi Nkulunkulu, kodwa ngizokwenzenjani?”

“Ngoba kuyimpelasonto, akukho esingakwenza. Kodwa ngoMsombuluko ngizozikhokhela zonke ngiziqede.”

“Imalini ekufanele ikhokhwe?”

“Cishe kube izinkulungwane ezine zamarandi. Kodwa ungakhathazeki, Gogo, ngizokulungisela konke.”

“Bengingazi ukuthi lemali esiyibolekayo igcina isiningi kangaka? Yenziwa yini igcina iningi kangaka? Awungichazele.”

“Benza inzuzongale mali osuke uyibolekile, Gogo. Wena uboleka amakhulu amathathu amarandi kodwa imali oyibuyisayo kuba amakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye amarandi . Uma uqhubeka uboleka imali okumele uyikhokhe uyanyuka kuze kufike kulesimo okuso manje. Usezikweletini ngempela.”

“Ngakulethelwa uNkulunkulu, mntanami. Ukube bangichazela ngale ndlela ongichazela ngayo ngangingeke ngiqhubeke nokuboleka.”

“Kulungile. Kodwa kusukela manje ningifonele uma nishoda ngemali, ungaboleki e-EasyLoans.”

UBathandwa uphendukela kudadewabo athi, “Nawe kufanele ukhule manje. Kufanele usize uGogo nenze isabelo-mali senyanga ngayinye ningazise okushodayo. Iyona kuphela indlela ezokwenza singangeni ezikweletini. Futhi, zama ukufuna umsebenzi wesikhashana phakathi namaholide nangempelasonto khona nawe uzosiza lapha ekhaya. Ifoni yakho uyisebenzisele lokho hhayi i-WhatsApp no-Facebook kuphela.”

“Ngiyakuzwa, Sisi,” kusho Noluthando eshaywa amahloni.

Ekhishini sebewasha izitsha noNoluthando, uBathandwa ukhuluma naye ngezwi elisakuhleba, “Ngizwile nokuthi kunesikhathi somoya esiningi esithengwa ngekhadi likaGogo. Ngeke uGogo asebenzise isikhathi somoya esiningi kangaka.”

“Ngayisebenzisela ukubuza mayelana namabhasari,” kusho uNoluthando.

“Ungangiqambeli amanga, Noluthando. Leso sikhathi somoya kade usithengela i-data bundle.”

“Kumele ngixhumane nabangani. Awazi ukuthi kunesithukuthezi kangakanani lapha!”

“Lokho kuyaphela njengamanje, uyangizwa? Ngeke uphinde usebenzise ikhadi likaGogo ukuthenga ama-data bundle. Uzokwenza isabelo-mali, ungitshele uma kukhona okudingayo. Uyezwa?

“Ngiyaxolisa, Sisi. Ngiyezwa.”

***

Sitshele ukuthi ubona kanjani: U Noluthando ubemntshontshela uGogo ngokuthenga ama-data bundle. Uma kungenjalo ungayibiza ngani lento abejwayele ukuyenza? Uyazwelana naye?