USqiniseko uhamba nengane nje uqonde kubo kwaNtombi. Umfica uNtombi eneka izimpahla kulayini. Akapholisi maseko uNtombi, asondele kuSqiniseko esemoyizela.

“Cha, usebenza ngempela umuthi kaMakhosi, nakhu phela uSqiniseko esezilethile,” kucabanga uNtombi njengoba esondela emotweni kaSqiniseko nje.

Ufika eduze kwemoto ame maqondana newindi ahlezi ngakulo uSqiniseko.

“Sawubona, Ntombi,” kubingelela uSqiniseko eshaywa amahloni.

“Yebo, Sqi, unjani?” kusho uNtombi.

Acikice amehlo uSqiniseko. Akacikici amehlo ngoba exhoshiwe, kodwa ucikica ngoba engazi ukuthi uzoluqala kuphi lolu daba. Ucabanga into ayenza kuNtombi. Usalukhumbula kahle usuku abhala ngalo incwadi, maqede wesula ngayo izicathulo, wabe eseyithumela kuNtombi ingcolile injalo. Phela uSqiniseko wayesebone uNobuhle. Waba yinhlekisa isikole sonke uNtombi ngenxa yokwaliwa ngesidoxo sencwadi.

Uyaziqinisa uSqiniseko, ahlale phezu kwendaba. “Ntombi, nginenkinga, ngihamba nengane angazi ukuthi ngizoyishiya kuphi. Ngifuna ukuya emsebenzini. Ngivele ngacabanga wena lapho ngihlangabezana nale nkinga. Ngicela ungisize ungibhekele uSthembiso. Please, beautiful.”

“For wena, Sqi, ngingenza noma yini,” usewaveze wonke amazinyo uNtombi. “Angikaze ngixabane nawe. Nguwe owangijikela. Kodwa lokho sekwedlula.”

“Ngiyazi, s’thandwa sami, angazi ukuthi ngangingenwe yini. Futhi…”

Amngene emlonyeni uNtombi. “Cha uzoba late emsebenzini, my love, shiya umntwana uhambe. Konje unina wakhe yena ukuphi?” Ufuna ukuzwa amanzi ngobhoko uNtombi.

Ashaye isikhwehlela uSqiniseko, bese eyamphendula.“Uyofeba unina wakhe. So nami angisibonanga isidingo sokuhubhana naye. Ngibone kungcono ngizibonele ukuthi ngenzenjani.”

Abambe ongezansi uNtombi. Phela uyamazi uNobuhle, ayifani nakancane nje naye le nto okuthiwa uyenzile.

Angabe esalibazisa uNtombi, athathe isikhwama nengane.“Ayikho inkinga, Sqi. Phuthuma emsebenzini. Mina no-boy uzosibona ntambama”

“Ngiyabonga Ntombi. Uyi life saver,” kusho uSqiniseko edumisa imoto ehamba.

UNtombi ungena endlini ageze uSthembiso. Umshintsha nezinto azigqokile, aziwashe. Ufuna ukwenza konke okusemandleni ukuze uSqiniseko abone isidingo sokuba babuyelane. Ingakho nje nale ngane ezoyiphatha njengengane yakhe. Uyenzela nokudla, ayifunze. Nokho ayisona isikhali le ngane kaSqiniseko. Izithulele nje, ungafunga ukuthi ihlezi nonina oyizalayo. Uthi angaqeda ukudla uSthembiso, alale.

“Kuzomele ngiphuthume kuMakhosi manje, nakanjani kumele azizwe lezi zindaba ezimnandi kangaka!” uNtombi uhleba yedwa ebuka uSthembiso elele.

***

Sitshele: Injani le ndaba?