NoSqiniseko uyaphaphama emseleni. Uvula amehlo okwesikhashana azitshele ukuthi konke okwenzekile bekuyiphupho. Uzibuka izandla abone igazi elomile kucace ukuthi ulenze ngempela leli cala. Womiwe futhi udidekile. Ugaqa aphume emseleni. Uhamba amagxathi ambalwa abone uthango locingo. Kukhona isakhiwo ngaleya kothango. Ubona umpompi kulesi sakhiwo.

USqiniseko uyazihudula, eqe uthango. Uvula umpompi, ageze igazi ezandleni, aphuze amanzi. Izigameko zasebusuku zibuya njengoba zinjalo njengoba egobile ephuza nje. Ummese, insangu, izinyembezi zikaNtombi, ukubaleka kwakhe ebumnyameni. Akazi ukuthi uyishiye kuphi imoto yakhe. Kuthi esazama ukubuyisa umqondo ukuthi ngabe ikuphi imoto, ezwe izwi elimnandi eliculayo liqhamuka ngaleya kwesakhiwo aphuza kusona amanzi.

“Hhayi bo! Kungenzeka yini?” Ame uSqiniseko, alalelisise. “Noma kungathiwani uNobuhle lona oculayo.”

USqiniseko uvala umpompi, alandele izwi eliculayo. Uyamangala ebona kuvela isakhiwo sesonto elikhulu ngaleya kwalapho aphuze khona amanzi. Ungena phakathi esontweni, elandela izwi eliculayo. UNobuhle uyashanela ufulathele isicabha sesonto.

“Sawubona, Nobuhle,” kusho uSqiniseko.

UNobuhle ulazi kahle kamhlophe leli zwi, akasoze alikhohlwa ngisho kuthiwani. Wethuka ome. UNobuhle uthatha igxathi elihlehlayo uma uSqiniseko ethatha igxathi elisondela kuye.

“Hawu, Nobuhle, wangiziba ungibona? Ngithe sawubona. Ngicela ungangesabi ngoba angizanga lapha kuwe ngenhloso embi,” kusho uSqiniseko.

UNobuhle uyawezwa amadolo evevezela kodwa akhethe ukuziqinisa. Uma ndawonye ambukisise uSqiniseko.

“Unjani kodwa empilweni, my love?” kusho uSqiniseko esondela kancane.

UNobuhle useyesaba manje, ufuna ukumemeza ahayize. Uyazi ukuthi ukuhayiza kuzomcasula uSqiniseko noma kumnike amandla okuthi namanje, emuva kwezinyanga ezingaka, uNobuhle usamesaba. Uzizwa ethola amandla angazi ukuthi avela kuphi.

“Ufunani lapha, Sqiniseko?” UNobuhle ubuza embuka ngqo ezinhlamvini zamehlo.

Kuba ukubuza lo mbuzo abone into agcina ukuyibona kudala emehlweni kaSqiniseko. UNobuhle ubona ubuntu kuSqiniseko – into abesecabanga ukuthi kade yamlahlekela. USqiniseko ushaywa amahloni njengoba uNobuhle embuka nje. Naye uNobuhle uyamangala ebona uSqiniseko ekhophoza.

“Nobuhle, ngize lapha ngoba ngizoxolisa kuwena,” uSqiniseko ukhuluma ebheke phansi. “Angilindele ukuthi ukwamukele njengamanje ukuxolisa kwami kodwa ngiyakuncenga ukuba usithole isikhala enhliziyweni yakho sokungixolela ngelinye ilanga. Ngicela lokho, Nobuhle”

USqiniseko usula izinyembezi. “Ngiyazi ukuthi kulukhuni kangakanani ukuba ungethembe futhi, kodwa ngicela wenzele indodana yethu. USthembiso uyakudinga, Nobuhle. Ingane idinga umama wayo. Niyakucela, s’thandwa sami.”

UNobuhle akakholwa ngisho elilodwa igama eliphuma emlonyeni kaSqiniseko. “Wena, Sqiniseko, uxolisa kimina, uNobubi?”

USqiniseko uphakamisa ikhanda. “Ngiyazixolisela, Nobuhle,” usho kugeleza izinyembezi.“Angazi nami ukuthi ngangingenwe yini. Ngizwa ngephuka umphefumulo uma ungikhumbuza izinto ezimbi engangizisho kuwe. Ngikusukela njalo ungangenzanga lutho.”

“Wena, Sqiniseko, wakwenza kwaba umsebenzi wakho ukungephula inhliziyo nomphefumulo. Wawukwenza lokhu njalo! Njalo, Sqiniseko! Umthetho wakho awufuni ukungibona ngijabulile. Wangixoshisa okwenja emzini wakho. Ungidubula, Sqiniseko! Ufuna ukungibulala. Manje usuyangizingela? Ungibheka lapho ngikhona ukuze uqede ukujabula kwami! Iphi ingane yami? Ukuphi uSthembiso?”

“USthembiso usekhaya, my love. Ngimethembisile ukuthi ngizobuya nawe namhlanje.” Kuyabonakala ukuthi uSqiniseko uqamba amanga, kwayena akazikholwa.

UNobuhle uthi, “Ngifuna uvume la endlini kaNkulunkulu ukuthi ngimthathe uSthembiso.”

Avume ngekhanda uSqiniseko. “Singahamba namanje simlande, Nobuhle. Uyakudinga uSthembiso.”

“Hhayi, angikwethembi, Sqiniseko. Ngizofika noNkk Nkwanyana uma esebuyile. Sqiniseko, wafika empilweni yami nginekhaya nomndeni ongithandayo. Wena wangehlukanisa nomndeni wami. Ngangiyintombazane ejabulile, wena wangiphendula umfazi ohluphekayo ophila ngokwesaba. Kodwa iBhayibheli lithi asibaxolele abasonayo, sizithande izitha zethu. Ngakho-ke ngiyakuxolela, Sqiniseko.”

Esule izinyembezi uSqiniseko, amamatheke.

“Ungasheshi ujabule. Ngikuxolela ukuze ngisuse leli joka elingisindayo emahlombe ami. Ngifuna lithwale nguwe leli joka. UNkulunkulu uzongiphindiselela ngazo zonke izinto ongenze zona.”

USqiniseko uzwa kubanda amathumbu ngesikhathi uNobuhle emtshela lokhu. “Ngicela ungangiqalekisi, Nobuhle.”

“Angikuqalekisi, Sqiniseko, kodwa ngidlulisela kuNkulunkulu konke owangenza khona. Nguye uMdali ozokwenza abona kufanele ngawe.”

USqiniseko uphuma esontweni edangele. Uphuma esontweni ayibone imoto yakhe imile buqamama nesango. Kubonakala ngendlela ahamba ngayo ukuthi udidekile. Ucishe ayedlule kwayona imoto yakhe. UNobuhle uyakubuka konke lokhu kudideka kukaSqiniseko. Uyambona uSqiniseko eshiya imoto esuka ngejubane ebuyela esontweni. Ufika esangweni lesonto ame, aphinde asuke egijima ephindela emotweni. Ungena emotweni ayisuse ngesivinini esesabekayo.

UNobuhle uyathandaza esontweni, ubonga uNkulunkulu ngokuphendula imithandazo yakhe. Uzwa kungena imoto emagcekeni esonto. Usukuma ejabule ngoba ecabanga ukuthi uNkk Nkwanyana lona ofikayo. Umangala esebona uSqiniseko engena nezicabha lapha esontweni.

“Nobuhle!” uSqiniseko umemeza sengathi uhanjelwe ingqondo. “Nobuhle!”

“Yebo, Sqiniseko. Sekwenzenjani?” kusho uNobuhle embuka ngqo emehlweni. Kukhona into ayibonayo emehlweni kaSqiniseko. Le nto icishe ifane nale ndlela ayejwayele ukumbuka ngayo uma esezomshaya. Injalo le nto ebonwa uNobuhle kodwa namhlanje yesabisa kakhulu, sengathi uSqiniseko uzokwenza lukhulu.

“Ngicela ulande uSthembiso njengamanje ngoba uzozisola uma ungamlandi manje,” kusho uSqiniseko ngezwi elivevezelayo. “Uma ungamlandi ngeke uphinde ungibone futhi naye ngeke uphinde umbone.”

“Ufuna ukuyenzani ingane yami, Sqiniseko?” kuhayiza uNobuhle. “Ungake ulinge ucabange uku-…”

“Sekuphelile, ngiyaphothula manje. Ngikhathele impilo manje, Nobuhle. Woza uzomlanda uSthembiso ngoba angizethembi ngempela. Angazi ukuthi ngizokwenza monakalo muni uma ngifika endlini.”

Kukhona umoya owesabisayo osukhungethe uSqiniseko. UNobuhle akaze amuzwe uSqiniseko ekhuluma kanjena. Wesaba ukuthi uSqiniseko umtshela ngendlela ecashile ukuthi uyozibulala, abulale noSthembiso.

“Kulungile, Sqiniseko. Ngizohamba nawe. Ngizohamba nawe ngimthathe uSthembiso.”

***

Sitshele: Uyamethemba uSqiniseko? Ucabanga ukuthi ufunani kuNobuhle?