“Ngibuzile, Mama.”

“Ngifeba nawe? Uyazizwa ukuthi uyangithuka, Vusi? Njengoba uthi ngiyafeba ngifeba nawe?”

“Uma ungafebi kanti uhlale uyaphi njalo uma kuphela inyanga? Njengoba uphuma ngegama lami emzini wakho uthi uzobona mina?”

“Awazi usizi engiphila kulo, Vusi. UMzimela unolaka nenzondo. Ngisuke ngihamba ukuze ngipholise ikhanda nami,” kusho unina.

“Manje usebenzisa igama lami ukuze umbalekele?”

Nswi, akanayo impendulo umama kaVusi.

OK, asidlule lapho. Ngubani ubaba?”

“Uzomenzani ubaba wakho, Vusi? Wake wazihlupha khona ngelilodwa ilanga ngawe njengoba wena umbuza nje?”

“Ngithe ubani ubaba? Noma awumazi ngoba wawunamadoda amaningi?”

Uvuka indlobane unina kaVusi. Usukuma kumatilansi, babukanae ngqo emehlweni nendodana yakhe. “Angobani wona lawo madoda? Nansi imhlola bo! We Vusi ngihloniph-…”

“Ufuna ukutshelwa yimi manje ngamadoda akho, Mama? Ngangikhona yini ebusheni bakho ngesikhathi abantu bekuvusa ezikhotheni noSomdali? Hhayi cha! Uyazenyanya muntu wesifazane. Angazi ukuthi uGogo wayenzeni kangaka emhlabeni uThixo aze amnike izingane ezinjengani. Akekho okhuza omunye. Nodadewenu washiya umendo ngoba umbambezela, waqoka ukubhungukela eGoli.”

Sekuthulekile endlini, sengathi kudlula ingelosi. Amahloni asemi ngenhla kumama kaVusi. Ubengazi ukuthi uVusi ulazi lonke ihlazo lakhe. Kungenzeka ukuthi nalokhu akufihlile, le ngane isiyakwazi.

“Ungangenzi ngikubeke isandla, Ma. Ngibuza ngesihle, ubani ubaba wami? Njengoba uGogo esengishiyile nje kumele ngithwale imithwalo yami ngibhekise amabombo ekhaya. Ngehlukane nokubizwa ngomlanjwana.”

Lahlaba lephukela lelo kuMaNkosi ngoba engazi ukuthi yini ezokwenziwa kuye uma sekuqediwe ngonina kaVusi. Phela bathelwe ngezibonkolo abafana. Akekho umuntu owayazi ubuluhlaza bukaVusi. Bayakweshwama namuhla.

“Ngibuza okokugcina ngci manje, Mama. Please don’t push me! Ubani ubaba?”

Uthi esakhophozela unina, asho ngembi imbibizane yempama uVusi. Awele kumatilansi unina. Uzama ukuvuka umama wakhe, uVusi amdudule aphonseke ekhoneni lodonga, kucishe amakhandlela. Baphuma bebaleka abanye omama abahlezi kuleli gumbi, bekhala ubumayemaye. Wathi uzama ukubaleka nonina, yambamba ingane, yamklinya waze wathamba. UBonginkosi noSonke bangena nezicabha endlini. UVusi ukhiya isicabha saleli gumbi akulo nomama wakhe.

“Ngiyaphinda futhi, Mama. Ubani ubaba? Ngeke bakusize ngalutho abafowenu uma ucabanga ukuthi uzolanyulelwa yibo. Ngitshele iqiniso uma kungenjalo ngiyakungcinya nje straight.

“Hhayi bo! Ndodana, ngeke ushaye unyo-…” uBonginkosi ukhahlela isicabha ezama ukusivula.

Shut up wena, Bonginkosi! Wazini ngegama elithi mama? Angithi ngikhuluma nje owakho uze wafa ungenandaba naye? Pho yini ozongitshela yona?”

“Vele ukhulume sisi. Mtshele uma umazi ubaba wakhe. Niyidlulise le ndaba,” kuncenga uSonke exakazisa isicabha ezama ukusivula.

“Khuluma, Ma, ubani ubaba wami?” uVusi usefingqe isibhakela, uyavevezela.

Umama wakhe ubuka amehlo endodana yakhe abone egcwele inzondo. Alibhadlaze iqiniso. “Uba…ubaba wakho ngu…ngu…Baba omdala, ubaba kaSonke.”

“Ini?” kubabaza uVusi kuleli gumbi kanyekanye noSonke, uSakhile, uBonginkosi noMaNkosi ngale kwesicabha.

“Awuphinde, Mama, angizwanga?” uVusi uzizwa ephelelwa amandla, amdedele unina.

Uwela phansi unina, naye uVusi axegelwe amadolo aguqe eduze kwakhe.

“Wangidlwengula uBaba omdala, engesabisa ngokuthi uzongibulala uma ngike ngasho. Njalo uma ngibuya esikoleni ngangimfica esengilinde ngasezimobeni.”

UVusi akazi ukuthi kumele athini, ushaqekile. Uyabuka nje unina ekhuluma. Izinyembezi ziyagobhoza kumama nendodana.

Aqhubeke unina kaVusi, “Ngesikhathi sengikhulelwe ngabaleka ngoba uMama wayefuna ngikhombe umuntu ongimithisile. Ngangingeke ngisho ngoba wayethe uzongibulala ubaba omdala. Ngenxa yokuthi ngangingakufuni, mntanami, ngabuya ngakushiya kumama. Ngeqa ngabaleka. Yingakho nje ngagcina sengibaleka ekhaya.”

UVusi usethwele izandla ekhanda, uphelelwe amagama. Imicabango idlala ngaye, uphithene ekhanda. Kusho ukuthi mina ngingowakwaNtuli kabili? UBaba wami uphinde abe ngumkhulu wami? UMama wami ungumama kodwa futhi ungudadewethu? USonke ngubaba omncane, futhi ungumfowethu? Abantu bazibulala sekunje.

***

Sitshele umbono wakho: Iyakuthusa indlela ejike ngayo le ndaba? Wena ubucabanga ukuthi ubani ubaba kaVusi?