“Ssshhh!” Ngiyahwahwaza, nakuba uTammy engakhulumi. Ngizama ukubuyisela futhi ipulangwe odongeni kodwa liyakhenqezela phansi. Ngizwa umnyango wasekamelweni uvuleka, ugadlazwa. Umnyango waleli kamelo ushayiseka odongeni. UDavid ucindezela idolo lakhe esiswini sami, uvala umoya ngokugqumuza okukhulu. Ngiyabefuzela, ubuhlungu buyakliwula ngaphakathi kwezimbambo zami. Ingabe uklebhule okuthize? Uhlanganisa izihlakala zami ngokokunamathisela. Ngiyabhekuza, Ngiyabhokoda, Ngiyakhahlela. Ngibamba umlomo wakhe, ngiqhekeza indebe yakhe. UDavid ukhipha isibhamu sakhe. Ngicishe ngezwa ukuqhuma. Ngima sengathi ngifile. Ubopha kalula nje izinyawo zami.

“Angenzi nomsindo owodwa,” uyagwavuma. Ucindezela isibhamu esifubeni sami. Ubopha umlomo wami, bese engishiya ngilele ngohlangothi. Iqatha lenyama emakethe; uzongilengisa kwihhuku, angishiye ngilenge kwiloli yesiqandisi.

Ngasemnyango, uDavid udonsa iduvethi embhedeni uyisa ‘ehhovisi’. Ukuhlanza indlu. Ufihla isibhamu ngaphansi kombhede. Uyajika, ungibona ngimbhekile. Uvala umnyango ophakathi kwethu, bese uyawukhiya.

Kukhona ukumemeza okubeleselayo, okumemeza kwizindonga. Intombazane iyamemeza, ayilwi, kodwa iyancenga: “Ngiyacela, ngiyacela!” Amadoda athukuthele, amazwi abo ayanswininiza ngokwesaba, “Hayi suka, phuma. Hamba!”

Inhliziyo yami ishayela phezulu ngathi umsindo wezinyawo ephasiji yezitezi zesithupha. Ngiyaginqika, ngiyatsheka. Ngizama ukwehlukanisa izihlakala zami. Ngizwa okokunamathisela kwehlukana kancane, kodwa ngeke ngiyeke.

Gudlu! Umsindo womnyango ugadlazeka.

UDavid uzizwa emangele, engenacala. “Yebo, ngiqashile. Ngiyajabula kakhulu ngalokhu, kukhona okushaya amanzi lapha, ngiyacabanga. Okuthize okumayelana nezobulili. Ingabe ufuna ngibe ufakazi?”

“Kwenzakaleni emlomeni wakho?” kubuza othize.

“Hayi ndoda, ngi…”

“Kwenzakaleni efasiteleni?”

“Bengiphuze kakhulu.”

Njengomnenke ohlanyayo, ohluthuzelayo, ngishumpula phansi, ngiya ngasemnyango. Ngiphakamisa amadolo bese ngikhahlela ngamabhuthi kasisi wami. “Gudlu! “Gudlu!”

Ngiyaphinda, njengomsindo wezinselo zasendle. Iphoyisa lesibili liyamemeza, “Wuvule!”

Umnyango uphahlazeka ngakimi. Ngimunca okokunamathisela emlonyeni wami. Angikwazi ukumemeza.

“Uxolo.” Lelo igama lokuqala elinomusa okungathi ngineminyaka ngingalizwa. Iphoyisa liguqa eduze kwami. “Uxolo,” uyaphinda futhi, sengathi ukhulumela wonke amadoda anomusa.

Ngokucophelela, ukhipha okokunamathisela engigoqile.

“Tammy,” ngiyahleka. Ngimangele ukuthi ngiyakwazi ukukhuluma. “UTammy, ekamelweni eliseceleni.”

Okunye ukukhahlazeka. Izikhathi ezintathu. Bawisa umnyango.

Umsindo kaTammy ekhala. Uzwakala sengathi unemnyaka emithathu.

Intombazane ezacile enobuso obumanzi nezinwele sengathi ezezinyoka zasendle idlula ngale kwephoyisa. Iguqa ezinyaweni zami. Iyafola bese iluma futhi idabula okokunamathisela okusezinyaweni zami. Iyangiphakamisa bese iyangigaxa. Ngiphefumulela ezinweleni zikaTammy ezimaholo, nezigoqekile. Zinuka sengathi utshani obomile. Nginuka ukudangala kwakhe.

Ngibuyela emuva, bese ngithola ukukhululeka okudangele emehlweni wakhe aluhlaza okotshani.

“Akuphelile ngawe.” Ngincenga lo muntu engingamazi manje osengazi okwedlula omunye umuntu emhlabeni. “Ngiyakucela, Tammy. Kungapheli ngawe.”

* * * * *

Bafuna ngibe ufakazi kwicala elimeleni noLiwa noDavid. Bobabili bavalelwe emajele ahlukene, balinde ukuthethwa kwecala. Usisi wami uthi nginenhlanhla. UDavid wayengeyona ingxenye yesigungu sebhizinisi. Ngoba, ngabe amaphoyisa akhohlakele aqinisekile ukuthi uyakhululwa.

Ngisendlini ephephile endaweni engingakwazi ukuhlala kuyo. UXola uletha uThandi azongibona njalo ngempelasonto. Siya epaki enganamuntu egcwele ameva otshanini. UXola njalo uqalaza emuva kwethu sengathi sisebhayisikobho yokuphenya ubugebengu. “‘Khululeka.” Ngiyamtshela. “Yini okumele ngabe ngiyesaba.”

Usisi wami uyikho konke. Wenza Abathuthukisi Bezomphakathi bathumele ozokwelapha wabo ohamba phambili. Igama lake UDokotela Khumalo. Uthi, “Ngibize uBeauty.”

UBeauty naye wake wahlukunyezwa ngokobulili eseyingane. Into yokuqala leyo angitshela yona. Akagugi. Mhlawumbe uneminyaka engamashumi amathathu. Mhlawumbe engamashumi amahlanu. Unezifaca ezigcina amehlo wami ematasa, ezilinde ukuthi zifacazeke.

“Kungani umomoteka?” Ngiyabuza.

“Empeleni angimomotheki,” ephendula. “Ngibona ukukhanya kwakho.”

Ngifuna ukuphikisana naye, ngimtshele ukuthi angisalelwe yilutho – kodwa bese ngikhumbula uTammy.

UBeauty uyangibuza, “Uyakuzwa ukulokoza?”

Ngiyaqhikiza, ngenza ngathi ngimunyu kodwa ngiyakuzwa ukulokoza. Yikho okungenza ngiphile endaweni engingayazi, ngilinde ukunikeza ngobufakazi bokugcina lezo zinja zikude nezingane.

Ngiyikhandlela elingapheli. Kodwa angikhazimuli. Izimbambo zami ezinqamukile sezipholile kodwa zinegqamuza kodwa ngisazizwa sengathi ngimbozwe ucingo lukagesi, esikhundleni sesikhumba esifudumele. Angithandi ukuthintwa.

Ngezinye izinsuku ngizizwa ngingcolile. Ngizizwa sengathi ngiyinja elahliwe enoboya obubophene nolimi olunukayo.

UBeauty uyayibona le ndlela engizizwa ngayo. Uvuma ngekhanda. “Ngezinye izinsuku uzozizwa kanjalo. Kodwa kukhona ingxenye yakho leya ndoda engazange iyithinte.” Izifaca zakhe ziyavela, njengelanga. “Akakwazanga, Babalwa!”

Uthinta indawo ethambile ephakathi kwezimbambo zami.

Ngiyathikazeka.

“Uyayazi,” esho.

“Bengiyisilima, kodwa, Beauty. Kwakukhona izimpawu eziyisexwayiso eziningi.”

“Wawungazi. Izisulu zokudlwengulwa zihlale njalo zizibeka icala. Ukuhlukumezeka kwesibili. Ungamvumeli enze lokho kuwe!”

Ngizwa ilangabi liqina. Ingqondo yami inqamuliwe, umzimba usavithizwa izinkumbulo. Kodwa lokhu kukhanya akwenziwanga ngamathambo noma ngethishu. Liyacika. Kuhle lokho.

Ngiqala ikhasi elisha le-Facebook kukhompuyutha. Ngilibiza ngokuthi, ‘Bona izimpawu’. Azikho izithombe zami engizithumelayo. Ngiklama izimpawu zesexwayiso ezikhethekile, ngizidweba ephepheni, bese ngiyaziskena, ‘Ungabi Impumputhe’.

Ebusuku isilo siyabuya ukuze singihlukumeze, siphuze igazi lami emaphuphweni wami. Ngikhanyisa ilambu. Ngigijimela kukhompuyutha bese ngibhala okuthi:

Isilo sahlukumeza umzimba wami. Kodwa asizange sithinte ubuntu bami. Asikwazanga, Le nja.

Ngisebenzisa igama likaBeauty. Ngibhala okuthi:

Akazange angithinte. Hhayi nakanye.

***

Sicela umbono wakho: Yini evimbela amantombazane asemancane njengoBabalwa ukuthi ‘abone izimpawu’? Ingabe izisulu zokudlwengulwa zivamise ukuzibeka icala? Kanjani?

***