Ngemuva kwendlu umsindo wezimoto wawuzwakalela kude, kude impela. Babekwazi ngisho ukuzwa ubutshiyotshiyo bengoma emnandi eculwa yinyoni encane. UBella wavala amehlo wayesephulula uNoodle. Emva kwalokho bagxuma bobabili!

best-sound-illo4-col-lores

“Awu! Yo-o! We, we, we!” Umsindo omubi kakhulu wawuphuma endlini kaGogo ngaleya kobonda olungemuva. Ngokushesha, uBella wagijima wayotshela uMama ukuthi uzweni. “Kukhona imisindo emibi ephuma endlini kaGogo!”

kumemeza uBella ezwa umsindo othi Hhhhhhhhi, hhhhhhi! wesihlanzi-khaphethi esisebenza ngomoya. UMama wasicisha.

best-sound-illo5-col-flat2-lores

“Angizwana lutho,” kusho uMama.

“Lalela, Mama!” kusho uBella. NoMama wayeseyawuzwa manje!

“Awu! Yo-o! We, we, we!”

“UGogo lowo,” kusho uMama. “Asiphuthume! Kumele siyobona ukuthi kwenzenjani.”