Sekuzoshaya izithuba zokudla kwasemini esikoleni samabanga aphansi iSiyafunda. Abanikazi beziphaza esikoleni bazilungiselela ukudayisela izingane ezilambile isidlo sasemini.

Umnumzane uMtawung usesike izinkwa zakhe wazehlukanisa ngamakota, useyivule kahle nendawo yesishebo. Amaships ayathoseka azolungela ukudliwa masinyane.

UMtawung ufaka ukhezo olugcwele lwe atsha ephekwe wunkosikazi wakhe kuwo wonke amakota olofu bezinkwa. Uthanda ukuqhosha ke umfo lo ngokuthi awakhe amakota ane atsha ngaphakathi.

Esphaza sikabab’uMkhize amaships akhe asezovuthwa nawo, kodwa futhi usasika isinkwa sakhe elungiselela amakota.

Ukhathazekile, izinto azimhambeli kahle kulesisiphaza sakhe,“Kwaqala kahle,” ubab’ umkhize ecabanga, “kodwa manje abathengi bami baya ngokuncipha, nokho ngiyonga ngoba ulofu wami ngiwusika izingxenye ezinhlanu esikhundleni sezine.”