“Impi ‘sisivimbe ngenhla nangezansi,
wemahlanganani sodlula kanjani?
Impi ‘sisivimbe ngenhla nangezansi,
wemahlanganani sodlula kanjani?”

Le iyona ngoma uThemba aziwa ngayo la eMkhabela ejoyintini. Le nsizwa kaNgcolosi ithi ingadakwa bese iziculela le ngoma yeqembu iHlanganani. Sekucula wonke umuntu manje uma ingoma isifika kulendawana ethi:
“Niyabesaba na?
Asibesabi, sobaqonda ngqo.
Nizophuma kuphi?
Sophuma kubo laba esiqondene nabo.”

Bayivume endlini yonke, qede ayivale uNgcolosi. Agobe phansi acoshe ibhodlela likabhiya eceleni kwesitulo ayekade ehlezi kuso. Ambumbuzele obekuphakathi emlonyeni. Qede waqhweba umfanyana ukumkhombisa ukuthi abekuphuza sekuphelile, ukuze ongeze.

UThemba usemnyakeni engamashumi amahlanu nantathu. Ngokokusebenza unguthisha, ufundisa khona la esikoleni esiseNanda eMqhawe High School, okuyisona sodwa isikole samabanga aphezulu la ngakubo. Ungamphikela meseqonde esikoleni ngakusasa ukuthi uyena lona okwazi ukuhlabelela ngaleyandlela, utshwala buyamulawula.

Uzwa ngenhlamba ayikhipha ngomlomo meke nje wadakwa, ongeke umuzwe eyithuka mengadakiwe. Ubaziwa endaweni njengomuntu ozithobile, kodwa ezinyangeni eziyishumi nesithupha eqalile ukuphuza bayakhala abantu aphuza nabo. Ulwisa wonke umuntu abathuke nangenhlamba eyesabekayo.

Nomfazi wakhe ekhaya uMaMshololo uyabafakazela bonke labantu. Ngendlela umyeni wakhe ahluphangayo meke wadakwa. Nakhona ekhaya kusokola wonke umuntu mesekufike umfoka Ngcoloso ephuzile. Usungawuphika umoya wenjabulo, uthando nokuzwana owawuheleza kulomuzi. Hhayi kudala, khona unyaka owedlule usaqala. Phela akushiwo nokusho ukuthi uThemba uqale esemdala ukuphuza. Usungahlala iminyaka yonke yokuphila kwakho besekuthi ngoba usungubo ziyeweni bese uqala izinto ezizohlaka umuzi wakho.

Akushiwo nokushiwo ukuthi utshwala buwuhlakazile umuzi wakhe. Njengoba ezinganeni ezine abusiswa ngazo uNkulunkulu. Okungabafana ababili namantombazane amabili. Izibulo eliyindodana kaNgcolosi endala, laba ukusebenza laphuma laphela ekhaya, lagwinywa amathafa nezintaba zomhlaba, lajubalala laphela emehlweni okwamazolo ebona ilanga.

Nothunjana, oyintombazanyana eyintandokazi kaThemba, wacela kunina ukuyohlala nomalume wakhe oseMachobeni, ufunda ngakhona. Kusele ezimbili nazo ongeke uthuke mungase ubone zihudula izikhwama ezigcwele izingubo kusasa lokhu okusayo. Kokwenziwa uThemba okucika izingane akukho okudlula ukushaya unina wazo, amshaye ngisho phambi kwazo iingane.

Nendodana endala isikeyathi iyakhuza, uThemba wayithembisa ukuyichitha ubuchopho ngenhlamvu. UMaMshololo usenezibhadubhadu emzimbeni ngathi imbawula. Usungaphika ukuthi wayekhuluphele nasemzimbeni ngendlela onde ngayo manje, usungafunga ukuthi udliwa ukugula kweminyaka. Naye ngeke wamsola mengathi uhleli ngoba enzela abantabakhe. Babethi mebemxoxela uThemba ngezinto azenza medakiwe aphenduke inkukhu ethelwe ngamanzi, angundaze angaphumi nazwi. Kuloko kungundaza kwakhe wawubona kodwa ukuthi imphatha kabi indlela esekuhlukumezeka umndeni wakhe ngayo.

UMaMshololo noSipho oyindodana kaThemba esasele ekhaya bahleli egumbini lokuphumula, uzwa engxoxweni yabo ukuthi injabulo iqhelelene nabo.

“Nanamhlanje uyihlo uzophinda adume ngazo ngoba esehambe isikhathi eside kangaka.” Kuthetha uMaMshololo ngokukhathazeka.

“Angazi ukuthi yinindaba ubaba…” athule uSipho samuntu obize igama elithi ‘baba’ ngephutha.”Fanele umubophise lo muntu wakho khona sizohlala ngokuthula laphekhaya.” kuqhubeka uSipho.

Athule uMaMshololo egqolozele indodana yakhe ngokumangala, akakaze ayizwe ikhuluma kanjena ngoyihlo. Ngesikade athathise athi, “Mntanami kwengikwenzayo uyokuqonda uma sewukhulile.” Athule kancane ebheke indodana yakhe uMaMshololo. Adonse umoya, qede azihlele esitulweni ahlezi kuso qede aqhubeke nenkulumo. “Kunezinqumo othi uma uzithatha kufanele uzilibale ubeke eqhulwini laba obathandayo, okuyibona ababalulekile kuwena.”

“Impendulo yakho ingishiya ngidunguza ehlane. Angiqondi nqindi nasibhakela, ngididekile.” Athule uSipho isikhashana. “Kodwa noma kunjalo ngizimisele ukulwa, fanele sibhukule sinqobe lesisihlava esibhekene naso.” Kuqhuba uSipho.

“Mntanami uma uthi ukulwa uqonde ukuthini?” Kubuza uMaMshololo ngokumangala.

“Ha…ha…ha.” Ahleke uSipho. “Angiqondile ukulwisa ubaba, ngisho ukuthi ngineqhinga esingalisebenisa ukuze ubaba abuyeke utshwala.” Kuthatha uSipho ubuso bakhe busachachambile okomuntu onesiqiniseko sokuthi iqhinga lakhe lizophumelela.

“Qhingalini lelo mntanami?” Kubuza uMaMshololo enexhala.

”Ungakhathazeki uma liphumelela uzongibonga.” Kuthatha uSipho egqolozele unina emehlweni.

Aphume uSipho eshiya unina edidekile. Uphuma la endlini nje uyambona uyise ewela umgaqo esebuya. Uhambe edidizela eyalena aphinde ayelena kucaca ukuthi uphuze weqisa namhlanje.

*****

Kusekuseni ngakusasa kaBhengu, emzini kaThemba. UThemba uvula amehlo nje uvuswa imisebe yelanga emxhophayo engena efasiteleni njengoba livuliwe nje. Aphendule ikhanda ebheka umkakhe. Akasekho, okusho ukuthi usevukile. Athi uphakamisa ikhanda lizimuke, ibhabhalazi lithi ngilana.

“MakaSipho! MakaSipho! MaMshololo ukhona!” UThemba ememeza esalele embhedeni. Izwi alivumi ukuphakama ngenxa yekhanda elinkenkethayo. “MaMshololo…khonabani la?” Kusamemeza uThemba esukuma ukuze ezobheka ukuthi khonabani la endlini. “Ayibo igazi elingaka!”

Athuke acishe ome uvalo mayeqaphela igazi eligcwele ehembeni alifakile. Ubuso bakhe bubhalwe ukudideka novalo.

Nangolulodwa usuku akakhumbuli evuka elimele mayekade edakiwe. Aziphuthaze umzimba wonke efuna ukuzwa ubungako bamanxeba. Kona ekumcacelayo ukuthi ulimale kakhulu kuleligazi elingaka elisehembeni.

“Nkosiyami kanti kwenzekeni, angizwa ndawo ebuhlungu.” UThemba ezibuza edidekile eseze wabuyisa izinhlonzwe. Aqaqe izinkinobho zehembe ehlise nebhulukwe elibeka emaqakaleni. Usondela esibukweni nje isifuba sesiyagubhazela. Aphenduphenduke manje phambi kwesibuko. “Leligazi umakungelona elami ngabe elikabani?”

Kumumangaze uThemba ukuthi kanti kwenzekeni izolo. Ngokushesha ekhanda ibuye ilakanyana imcabango umkakhe emkhuza ngokudakwa, emtshela nangezinto azenzayo uma edakiwe.

“Ngaze ngazigwaza ngowami. Mkami MaMshololo ngiyaxolisa, ngiyazi ngikuphoxile. Ngiyathembisa ngizoba ilendoda owayishada owawuyithanda eyayizithobile, ozokwazi ukuziqhenya ngayo ukwazi nokuyikhomba naphakathi kwabantu uthi uyena umkhwenyana wami loyana.” Usho lamazwi uThemba ugqolozele umcamelo umkakhe alala kuwo. Esasho lamazwi acabange ukuthi mhlampe elomkakhe leligazi noma omunye wabantabakhe.

“Themba wenzeni manje?” Azibuze uThemba qede lidume ikhanda. Ezwe emehlweni izinyembezi sezimncinza sezifuna ukuphuma manje. Seliyaduma manje ikhanda elinenhlanganisela yemicabango nokuzisola, nekhanda lebhabhalazi lingazibekile phansi selizimuka kakhulu.

Agxawuzele esephikelele endlini yokuphumula, wafika nakuyo kukhala ibhungane.

“Sipho! WeSipho! MaMshololo!” Ememeza esephikelele emakamelweni alala izingane. Nakhona wafika imibhede seyendluliwe. Aphindele endlini yokuphumula ikhanda lididekile nebhabhalazi lingazibekile phansi. Uthule ngokunye namhlanje umuzi wakhe. Ampampise amehlo nendlu yonke okomuntu oqalayo ukungena kuyona. Kubengathi isinkulu kakhulu manje kunakuqala.

Aqaphele ipheshana elibekwe lavela ngechopho ngaphansi komshini wokudlala amakhasethi. Akamaningi amagama abhalwe kulelipheshana. Libhalwe ukuthi:

Themba into oyenze izolo…cha ngiyakwesaba.

Alifunde lelipheshana qede zivevezele izandla, alitshinge phansi okomuntu ocoshe into eyesabekayo ngephutha. Zehle zigobhoze izinyembezi zimumantise nezihlathi engasazinakile elibele ukudlinza ngenhliziyo. Ekhanda uyazibuza ukuthi ngabe imuphi phakathi kwabantabakhe amulimazile njengoma sekucacile ukuthi akuyena umkakhe naku ekwazile ukubhala lencwadi.

Ahlale phansi kusofa, ahoshe umakhalekhukhwini ephaketheni. Achofochofoze kuvele inombolo yomkakhe amshayele, lukhale umlibe lungabanjwa aze aluvale. Asukume antante nendlu yonke, uyalena aphinde ayelena. Ugqame umqondo ekhanda othi uma umndeni wakho ukuzonda, umuzi wakho uhlakazeka konke kuyobe kusezandleni zakho. Aphinde ahlalephansi futhi. Akhiphe ucingo ephaketheni ezama ukulushaya, futhi kwabayiso futhi leso langabajwa.

“Mhlambe umkami akalubambi ucingo nje uphikelele emaphoyiseni nje. Mhlambe umyalelo wamaphoyisa iwona athena akangaxhumani nami.” lemicabango ilenze lidume kakhulu ikhanda kunakuqala.

Zehle zigobhoze izithukuthuku ebusweni. Asukume aphumele phandle eseyoshawa umoya. Abantu abadlula emgaqweni ngaphandle kwegceke kubengathi bayamubuka bayamuhleka, babuka lesisilima sendoda esihlakaze umuzi wayo. Umoya uwuzwa kungathi ushaya ikhwela ngokuthakasa. Zingazibekile phansi nezinyoni, zilokuzindiza zihlala eceleni kwakhe ziphinde zisuke zindize, zivulele ngaphansi kwamakhala zitshiloze. Asukume angene endlini enobuso obubhalwe usizi nokukhathazeka. Nakhona akabanga naso isinqe njengoba wayesukuma ehlala okwenkukhu ishiswa iqanda. Baqinisile mabethi ubuthongo buyiqhawe, ngoba naye bamnqoba yize umqondo wawudidekile.

Lase liyogamanxa elesihlanu ihora ntambama, kungena uMaMshololo nezingane zakhe ezimbili. Baxhake amapulasitiki ngamabili, okucacayo ukuthi baphuma eitolo. UMaMshololo aqaphele umugqa wezinyembezi esezize zoma emehlweni kaThemba aqale adabuke manje, aphefumulele phezulu.

“Mntanami ngizocela mayevuka lapha umtshele ngegazi lezinkukhu azibulale izolo ngenkathi edakiwe.” Kuthetha uMaMshololo ephendukela kuSipho ngokuhleba.

“Ma, awuke uthi ukumuyeka kancane zimunethe.” Kuthatha uSipho.

“Sipho akuwona umdlalo lona, ukhumbule ukuthi noma engenzani usenguyihlo kunina.” UMaMshololo esekhombisa ukudabukela umyeni wakhe.

Akasabulokothi uThemba utshwala. Injabulo, ukuzwana, nothando, kubuye ngokunezezelekile kaBhengu. Kuze kube yimanje uThemba akazi ukuthi igazi elalisehembeni lakhe wayelithathephi.